Isolezwe

Ibukeka izokhanga imidlalo ye-Absa Premiershi­p

-

NGEMUVA kwezinyang­a ezicela kwezintath­u ingabonwa imidlalo ye-Absa Premiershi­p, kuyasuka lokho namuhla ebusuku. Imidlalo yePremiers­hip iqala nje sekuvele kusukile ukukhuluma ngempelaso­nto edlule njengoba bekudlala imidlalo yeMTN 8 ka-2017. Okususe kakhulu ukuvunguze­la ukuwashisw­a ijezi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns abalandeli babo abebelinde­le ukuthi badlulele phambili kulo mqhudelwan­o.

Lokhu kwenza kube nzima ukuqagela ukuthi ngabe yiliphi iqembu elingase limuke nesicoco seligi ngoba ne-Orlando Pirates ibingekho kwiMTN 8 ngenxa yokuthi yehlulekil­e ngesizini edlule ukuzibekis­ela indawo kwiTop 8. Abalandeli bavele sebeqalile ukukhuluma indaba yokuthi iBidvest Wits ingase isivikele isicoco ngoba iChiefs, Pirates neSundowns akucaci kahle ngabo. Nokho kuseva ukuthi sekungaba khona amaqembu angabalwa ukuthi angase adle umhlangani­so ngoba ayikakhali impempe yokuqala yokususa isizini entsha yePremierh­ip ka-2017/2018.

Likhulu ithemba lokuthi imidlalo izokhanga uma kubhekwa ukuthi wonke amaqembu azamile ukuthenga abadlali elungisele­la isizini entsha. Ngaphandle kwalokho i-Absa isiqhamuke neqhinga lokuheha abalandeli ezinkundle­ni ngokubagab­isela ngo-R 1 million ozowinwa umlandeli onenhlanhl­a ekupheleni kwesizini. Lokhu nje kukodwa kungacishe kuqiniseki­se ukuthi izinkundla azishodi ngabalande­li ngoba ukuze uzibeke ethubeni lokuwina isigidi kumele ube senkundlen­i hhayi indaba yokuqhinsi­ka kusofa ekhaya ubuke umdlalo kwithelevi­shini.

Phakathi kwezinto ezibhekiwe ukuthi abaqeqeshi abasha emaqenjini abo bazokwazi yini ukuyibamba ishisa noma kuzophela imidlalo emihlanu bakhonjwe abafika ngayo, kumbe baqome ukuzishiye­la bona seyishisa insimbi. Lapha singabala uBenni McCarthy ocija iCape Town City noCavin Johnson osanda kunikwa umsebenzi wokuqeqesh­a AmaZulu. Abalandeli bala maqembu balindele lukhulu kubona futhi imidlalo emihlanu yokuqala ingase icacise ngekusasa labo.

Njengoba ezoziqhath­a emdlalweni wokuqala unompempe namuhla ebusuku phakathi kweBidvest Wits neCape Town City sibheke ukuthi isizini ibe mnandi ingabi nezigameko ezingezinh­le. Baqhathe mfoka nompempe kusuke lokho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa