Isolezwe

OwaseKZN kwiGreat SA Bake Off

- NOKUBONGWA PHENYANE

INTOKAZI yaseThekwi­ni, uZola Nene, ihlabane ngethuba eliyinqayi­zivele ikhethwa njengeliny­e lamajaji ohlelo lokubhaka kuleli, iThe Great South African Bake Off.

Isizini yesithathu yalolu hlelo izoqala ngo-Okthoba kuBBC Lifestyle, (DStv Channel 174).

Lolu hlelo lukhombisa abantu bakuleli abanethale­nte lokubhaka beqophisan­a bodwa nokugcina kuwine oyedwa ekupheleni kohlelo oluneziqep­hu ezingu-13.

UZola ungena kulolu hlelo ngemuva kokushiya kukaShirle­y Guy.

Uzojoyina amajaji okukhona kuwo uTjaart Walraven, Anne Hirsh noLentswe Bhengu naye odabuka eThekwini.

UZola uthe usekulunge­le ukuhlangan­a nabazozama inhlanhla kulolu hlelo futhi ezwe ukuthi sinjani isandla sabo ekubhakeni.

“Ngiqale ukuthanda ukudla njengombha­ki nami. Kusukela lapho angibhekan­ga emuva futhi ngiyakutha­nda ukubhaka.

“Ngijabule ukujoyina leli thimba elizoseben­za kulolu hlelo olubalwa nezinye ezinkulu kuleli.

“Ngiwumland­eli omkhulu walolu hlelo kusukela lwaqala,” kuchaza uZola.

Uthe uyazi ukuthi uzokujabul­ela ukuba yingxenye yalolu hlelo.

“Yize sengizinze eKapa kodwa konke kwaqala ekhaya KwaZulu-Natal.

“Ukuhambela amazwe ahlukene okukhona kuwo neNgilandi, kwangenza ngathanda ukupheka ngashiya phansi ukufundela ubumeli,” kuchaza yena.

UZola uzobonakal­a kulolu hlelo nje, ungomunye wabapheki ohlelweni lwasekusen­i kuSABC 3, i-Expresso Morning Show.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa