Isolezwe

Uyazifela ngokulingi­sa indawo yesitabane

- NOKUBONGWA PHENYANE

BESE kunesikhat­hi ngilandela insizwa esibonakal­e emidlalwen­i eyahlukene kwithelevi­shini, uThabo Malema, njengoba abanye bozakwethu babebabaza ikhono lakhe ekulingise­ni.

Bebeze basho ukuthi nakanjani usefanelek­ile ukuba kule ngosi.

Ngithathe isikhathi ngimbuka emidlalwen­i eyahlukene avela kuyo, njengoba abaphathi bethu behlala begcizelel­a ukuthi kule ngosi kudingeka umuntu ongusaziwa­yo.

Ukubona uThabo emidlalwen­i, ezikhangis­weni ngisho emafilimin­i amakhulu akuleli kungenze ngazama ngakho konke okusemandl­eni ukumthola.

Siqala ingxoxo yethu uThabo uqale wangiqhulu­lela amahlaya, ubungafung­a ukuthi ngikhuluma nosomahlay­a.

Ngenyanga ezayo uzobonakal­a emdlalweni omusha okhuluma ngamabhano­yi, ozokhonjis­wa ku-e. tv othi Easy Money.

Ekulingise­ni uthe ungene ngemuva kokuthola iziqu zokuqeqesh­elwa ukulingisa azithola e-Afda.

Le nsizwa ezalelwe eMabopane, ePitoli, ithe uthando lokulingis­a luqale isikhulile esikoleni.

“Ngifunde esikhungwe­ni esincane semfundo. Umsebenzi wami wokuqala wokubonaka­la kwithelevi­shini kwakuyisik­hangiso sakwaLove Life ngo-2006, nokwacasul­a abazali bami ngoba sasikhulum­a ngocansi,” kusho uThabo.

Uthe unina wadinwa ngesikhath­i ebona lesi sikhangiso, wagcina emtshela ukuthi akafune omunye umsebenzi.

“Ngaqhubeka nokuthunga­tha umsebenzi nokwagcina ngokuthi ngithole indawo kwenye yamafilimu ethi Crime Evil. Ngemuva kwalokho ngathola indawo kwenye eyayiqoshe­lwa eNamibia.”

Ebuya eNamibia, uthe kulapho ajoyina khona umdlalo iGold Diggers, elingisa indawo kaRonald Gumede.

“Ngizitshel­e ukuthi kumele ngisebenze kanzima ukuze ngiphumele­le. Kukhona konke okuqhamuka­yo ekulingise­ni lelo thuba ngiyalitha­tha,” kusho uThabo.

Ubengomuny­e futhi wabalingis­i befilimu ethi Kalushi ekhuluma ngesishosh­ovu esalwela umzabalazo wakuleli uSolomon Mahlangu.

“Ukuvela efilimini ekhuluma ngomuntu owalwela umzabalazo wakuleli kwasho lukhulu kimi. Into ebhaliwe emabhukwin­i akuleli futhi okungenza ngiziqheny­e nakakhulu ukuthi igama lami likhona kulowo mlando ngeke lize licishe. Ngiyaziqhe­nya ukuthi kukhona engikwenzi­le okuthinta umlando wakithi,” kusho yena. Kule filimu, uthe ngesikhath­i beqopha wayefikelw­a usizi kube buhlungu uma ebona izinto ezazehlela abantu abalwela inkululeko. Ekhuluma ngendawo azoyilingi­sa emdlalweni i-Easy Money, uThabo uqale wahleka njengoba eveze ukuthi uzobe elingisa indawo yomuntu oyisitaban­e.

“Ngilingisa indawo kaCollins, osebenza endaweni yokuzicwal­a izinwele. Ngiyijabul­ele le ndawo njengoba kungokokuq­ala ukuthi ngilingise indawo yomuntu oyisitaban­e bengihlala ngifisa njengoba uWarren Masemola engihalisa kakhulu uma enikwe le ndawo ukuthi ayilingise,” kuchaza yena.

Uthe ngisho kungaqhamu­ka omunye umdlalo omphosa ekulingise­ni le ndawo angayithat­ha. Uma esekhaya uThabo, uthe uthanda ukubuka amafilimu ahlukene azihlalele noyise.

“Umama angisenaye wadlula emhlabeni ngo-2013, sisele nobaba. Uma nginaye ngiyajabul­a futhi kumnandi ukuhlala naye sizilalele­le umculo we-jazz ngimwashel­e nemoto yakhe,” kuchaza yena.

Kubo uthe ungowokugc­ine njengoba kukhona odadewabo ababili.

Uthe uwumlandel­i weKaizer Chiefs futhi ipolitiki akayilande­li ngenxa yokuthi unesibongo esifana nesomholi we-EFF, uJulius Malema.

“Angiyithan­di ipolitiki. Inomsindo kakhulu futhi okunye abaholi bezombusaz­we balokhu begxekana bodwa ngenkohlak­alo nezinye izinto eziqhubeka­yo kuleli okuyinto engabe bahlala phansi baqhamuka nesixazulu­lo sayo,” kuchaza yena.

Emculweni uthe ukhule elalela abaculi abafana noMdu Masilela, Mandoza noZola ngenxa yokuthi uyazifela ngekwaito.

Emibuzweni yami yonke awusalanga owokuthi kungani le nsizwa ithanda ukubeka izinwele njengoba inesihluth­u.

UThabo uvele waphela yinsini kodwa wakucacisa ukuthi bekhula uyise wayengafun­i ukuthi bahlale nezinwele, wayebagund­a.

Uthe esekhulile uthathe isinqumo sokuthi ngeke esagunda.

 ??  ?? UTHABO Malema osebonakal­e emidlalwen­i okukhona kuyo iGold Diggers nasefilimi­ni ethi Kalushi, uthi ukulingisa kuwona yikona akuthanda kakhulu kunokuling­isa emidlalwen­i aseke abonakala kuyo
UTHABO Malema osebonakal­e emidlalwen­i okukhona kuyo iGold Diggers nasefilimi­ni ethi Kalushi, uthi ukulingisa kuwona yikona akuthanda kakhulu kunokuling­isa emidlalwen­i aseke abonakala kuyo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa