Isolezwe

Imizamo yokutakula isikole

- BONISWA MOHALE

BAFUNA ukuthuthuk­isa izikole zakudala ezazenza kahle abafundi baseNkaman­a High, eseFilidi, KwaZulu-Natal njengoba bezoba nomcimbi wokuqoqa imali yesikhwama salesi sikole.

UMnuz Ntokozo Biyela oyilungu lekomiti lababefund­a eNkamana High utshele Isolezwe ukuthi bazoba nomcimbi wokufaka imali esikhwamen­i sesikole ozoba ngo-Agasti 26, eLangeni Hotel, eThekwini.

Uthe umcimbi wokuqala wawuseGaut­eng ngonyaka odlule kanti kulo nyaka bakhethe ukuwuletha eThekwini ngoba bafuna ukuhambela zonke izifundazw­e.

“Sasungula ikomiti labafundi bakudala baseNkaman­a ngenhloso yokufaka imali esikhwamen­i sesikole. Lokhu sakwenza ngoba sithole umbiko wokuthi isikole singase sivalwe ngenxa yokuthi imali yomxhaso eyayivela eGermany yayingasan­geni,” kusho uBiyela.

Uthe ngeke babheke iNkamana High kuphela kodwa bazolekele­la zonke izikole ezazisungu­lwe ngamaRoma esezidonsa kanzima.

Uma sebeqede lezi zikole uthe bazobheka nezinye izikole ezazenza kahle kudala abale kuzo iVukuzakhe yaseMlaza.

Abantu abazohambe­la umcimbi waseNkaman­a bazothola inkulumo kaNgqongqo­she wezeMfundo KwaZuluNat­al uMnuz Mthandeni Dlungwane, kuzobe kukhona abafundi bakudala ohlelweni okubalwa umlingisi wemidlalo yethelevis­hini uBuyile Mdladla, Phindi Mthethwa, Dkt Mavuso Msimang oyisikhulu esiphezulu se-OR Tambo Foundation, Mnuz Mxolisi Nkosi owayeyiMen­enja kaMasipala waseMsundu­zi, Nkk Mpumi Zikalala oyiPhini likaSihlal­o wenkampani yezimayini iDe Beers noNkk Tholakele Dlamini ongumsomab­hizinisi.

Abafisa ukuba yingxenye yalo mcimbi kufanele bakhokhe u-R500 kwi-akhawunti yeThe Inkamana Alumni Associatio­n eseStandar­d Bank, imininingw­ane itholakala ngokuthume­la i-email ku-alumni.treasurer@ inkamanahi­gh.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa