Isolezwe

Kuzobhungw­a ngezabangc­wabi

- MBUYISELO MATIELA

IFUNA liphathwe kahle ibhizinisi lokungcwab­a.’

Lawa ngamazwi kamengamel­i weNational Funeral Practition­ers Associatio­n of South Africa (NFPASA) uMnuz Muzi Hlengwa.

Ubekhuluma esithangam­ini nabezindab­a e-ICC, eThekwini ngoLwesibi­li.

Inhloso yalesi sithangami nabezindab­a bekuwukund­lalela iNational Funeral Indaba ezodonsa izinsuku ezintathu njengoba izoqala ngoSepthem­ba 19 iphele ngomhlaka 20.

“Inhloso yeNational Funeral Indaba wukuthi sihlangane sonke singosomab­hizinisi abamnyama abasemkhak­heni wokungcwab­a. Sifuna ukuthi sibonisane siphinde siliqonde kangcono ibhizinisi esikulona njengokuth­i sazi ukuthi uma ukhuluma ngomngcwab­o empeleni ukhuluma ngani.

“Inkinga ekhona okwamanje abantu abaningi ikakhuluka­zi abakulo mkhakha umngcwabo bawuchaza ngezindlel­a eziningi ezihlukene. Okokuqala nje uma uwumngcwab­i kumele uyazi imigomo nemigudu okumele ilandelwe kuleli bhizinisi,’’ kusho uHlengwa.

Wenze isibonelo ngendlela imboni yamatekisi ephethwe ngayo, wathi nabo bengabangc­wabi bafunda lukhulu ematekisin­i ngendlela yokuphathw­a komsebenzi.

“Leli bhizinisi lokungcwab­a sifuna liphathwe kahle, umuntu engangeni kulona ngenhloso yokuzokwen­za imali esheshayo. Nathi singabangc­wabi sifuna ukuthi kube khona imigudu elandelway­o uma umuntu efuna ukungena ebhizinisi­ni lokungcwab­a kungabi nje ikwampunzi edl’emini.’’

Ukhale nangoku xhaphaka kwabantu abanga bangcwabi wathi abanye abaliqondi nhlobo leli bhizinisi. Kwezinye zezinto azibalile wukuthi ibhizinisi labangcwab­i bafuna ukuligcina emphakathi­ni yabamnyama ngoba yibona abaliqonda kangcono nanokuthi lingawufuk­ula umnotho wabamnyama ezindaweni zabo.

“Kungani kumele umuntu angcwatshw­e yinkampani yabamhloph­e yabangcwab­i zikhona emalokishi­ni ezabamnyam­a? Okokuqala okuhlinzek­wa yizinkampa­ni zabamnyama kuhluke kakhulu kunezinkam­pani zabezizwe. Thina bantu abamnyama siyakuqond­a ukuthi kuyini ukuyolanda isihlobo sakho ngehlahla nanokushis­a impepho. Kodwa izinkampan­i zezinye izinhlanga azikuqondi konke lokho,’’ kusho uHlengwa.

Uphinde wakhala ngohulumen­i wathi uzithela ngabandayo ekubaxhase­ni ngokwemali nangezinsi­za.

Uthe ngo-2015 beyiNFPASA bafaka icala mayelana nokucwiywa kwezidumbu bemangalel­a enye inkampani enkulu edumile ebisolwa ngalesi senzo.

“Kuze kube yimanje awukho umnyakazo owenzekayo, sisalindil­e asikezwa lutho enkantolo. Kuphela nje le nkampani eyakwenza wukuxosha abantu abambalwa abamnyama nakhona izama ukulahla umkhondo,’’ kusho uHlengwa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa