Kuzobhungwa ngezabangcwabi
IFUNA liphathwe kahle ibhizinisi lokungcwaba.’
Lawa ngamazwi kamengameli weNational Funeral Practitioners Association of South Africa (NFPASA) uMnuz Muzi Hlengwa.
Ubekhuluma esithangamini nabezindaba e-ICC, eThekwini ngoLwesibili.
Inhloso yalesi sithangami nabezindaba bekuwukundlalela iNational Funeral Indaba ezodonsa izinsuku ezintathu njengoba izoqala ngoSepthemba 19 iphele ngomhlaka 20.
“Inhloso yeNational Funeral Indaba wukuthi sihlangane sonke singosomabhizinisi abamnyama abasemkhakheni wokungcwaba. Sifuna ukuthi sibonisane siphinde siliqonde kangcono ibhizinisi esikulona njengokuthi sazi ukuthi uma ukhuluma ngomngcwabo empeleni ukhuluma ngani.
“Inkinga ekhona okwamanje abantu abaningi ikakhulukazi abakulo mkhakha umngcwabo bawuchaza ngezindlela eziningi ezihlukene. Okokuqala nje uma uwumngcwabi kumele uyazi imigomo nemigudu okumele ilandelwe kuleli bhizinisi,’’ kusho uHlengwa.
Wenze isibonelo ngendlela imboni yamatekisi ephethwe ngayo, wathi nabo bengabangcwabi bafunda lukhulu ematekisini ngendlela yokuphathwa komsebenzi.
“Leli bhizinisi lokungcwaba sifuna liphathwe kahle, umuntu engangeni kulona ngenhloso yokuzokwenza imali esheshayo. Nathi singabangcwabi sifuna ukuthi kube khona imigudu elandelwayo uma umuntu efuna ukungena ebhizinisini lokungcwaba kungabi nje ikwampunzi edl’emini.’’
Ukhale nangoku xhaphaka kwabantu abanga bangcwabi wathi abanye abaliqondi nhlobo leli bhizinisi. Kwezinye zezinto azibalile wukuthi ibhizinisi labangcwabi bafuna ukuligcina emphakathini yabamnyama ngoba yibona abaliqonda kangcono nanokuthi lingawufukula umnotho wabamnyama ezindaweni zabo.
“Kungani kumele umuntu angcwatshwe yinkampani yabamhlophe yabangcwabi zikhona emalokishini ezabamnyama? Okokuqala okuhlinzekwa yizinkampani zabamnyama kuhluke kakhulu kunezinkampani zabezizwe. Thina bantu abamnyama siyakuqonda ukuthi kuyini ukuyolanda isihlobo sakho ngehlahla nanokushisa impepho. Kodwa izinkampani zezinye izinhlanga azikuqondi konke lokho,’’ kusho uHlengwa.
Uphinde wakhala ngohulumeni wathi uzithela ngabandayo ekubaxhaseni ngokwemali nangezinsiza.
Uthe ngo-2015 beyiNFPASA bafaka icala mayelana nokucwiywa kwezidumbu bemangalela enye inkampani enkulu edumile ebisolwa ngalesi senzo.
“Kuze kube yimanje awukho umnyakazo owenzekayo, sisalindile asikezwa lutho enkantolo. Kuphela nje le nkampani eyakwenza wukuxosha abantu abambalwa abamnyama nakhona izama ukulahla umkhondo,’’ kusho uHlengwa.