Bandile abazogijima kwiMandela
SINYUKILE isibalo sabagijimi abazobamba iqhaza kwiMandela Day Marathon ezosuka eMgungundlovu iphele eHowick ngo-Agasti 27.
Lo mjaho okuhlonishwayo ngawo umengameli wokuqala wentando yabantu eNingizimu Afrika, uNelson Mandela, ongasekho emhlabeni, uzogijinywa ngabasubathi abangu-17 453.
Ngonyaka odlule bangu-15 285 abagijimi ababe yingxenye yalo mjaho omkhulukazi. IMandela Day Marathon yakhiwe ngamabanga ahlukene. Bangu3 125 abagijimi abazoyibamba kwi-42,2km kanti bangu-4 303 abazogijima kwi-21km bese kuthi abangu-4 675 babambe iqhaza kwi-10km. Kuthathwe abagijimi abangu-2 000 kodado.
Wonke amabanga azoqala ngo-6 ekuseni. UJohan Van Staden ongumdidiyeli womjaho utshele abezindaba ukuthi sebelulungele usuku olukhulu.
“Amalungiselelo ethu alo mjaho ahamba kahle kakhulu. Sizilungiselele ngayo yonke indlela. Bangaphezu kuka17 000 abagijimi abangenele lo mjaho. Abagijimi sizobahlinzekela ngezindawo ezingu-25 zokuthola izinto zokuphuza.
“Ngeke babhekane nenkinga nokuphelelwa ngumfutho ngenxa yokuthi izindawo zokuphuza amanzi ziyingcosana. Izindawo zokuphuza sizihlukanise ngo-1,7km. Ngasezintabeni sinezindawo eziyisishiyagalolunye zokuphuza,” kusho uVan Staden.
Ngonyaka odlule uTsepang Ramonene waseLesotho nguyena odle ubhedu.
“Kunenqwaba yabagijimi abaseqophelweni eliphezulu abazoba kalo mqhudelwano. Bangu-160, sisazolukhipha uhla lwamagama abo. Ngonyaka odlule sabhekana nezingqinamba ezahlukene.
“Phakathi kwezinkinga esibhekane nazo ngonyaka ofile, kube yindawo yokupaka. Kulokhu izindawo zokupaka zikhona yonke indawo lapho kusukela khona imijaho yamabanga ehlukene. Bonke abagijimi kumele bashayelwe yihora lesithupha endaweni yokuqala. Uma bengekho ngeke bangene. Abagijimi asebegijime iminyaka emihlanu izinombolo abagijima ngazo sekuzoba ngezabo unomphelo,” kusho uVan Staden.