Usezoyibamba kwiStars ochithwe yiChiefs
UTHOLE ikhaya elisha kwiFree State Stars umgadli ochithwe yiKaizer Chiefs, uSiphelele Mthembu, okuvela ukuthi useqede konke ne-Ea Lla Koto.
UMthembu ufike ebholeni elikhokhelayo eminyakeni edlule ebangwa yiChiefs ne-Orlando Pirates. Nokho kuwona womabili la maqembu uhlulekile ukushaya amagoli ngendlela obilindelwe.
Usayine kwiChiefs esephuma kwiPlatinum Stars ngo-2014 kodwa ufike ePhefeni waphenduka ukudla kwebhentshi. Ngesizini edlule ubeyibamba eqenjini leMultichoice Diski Challenge. Esikimini esikhulu esiholwa ngumqeqeshi uSteve Komphela bekugiya uGustavo Paez noBernard Parker.
Imenenja yeStars, uRantsie Mokoena, ikuqinisekisile ukuthi sebeqede konke noMthembu. Ku-Ea Lla Koto kukhona no-Edward Manqele owayegijima kwiChiefs nakwiMamelodi Sundowns otshelwe ukuthi akehlise ukukhuluphala ngaphambi kokunikwa inkontileka kuleli qembu.
“Sekusele ukuthi asayine, sesivumelene ngakho konke. Ngiyakholwa wukuthi uMthembu uzosisiza kakhulu. Okuhle wukuthi ukwazi ukudlala ngezindlela ezihlukene phambili. Simhlole kahle, sambona ukuthi kukhona esisengakuthola kuyena,” kusho uMokoena.
NgoJanuwari, iChiefs izame ukubolekisa ngoMthembu kwiBloemfontein Celtic kodwa iPhunya Sele Sele yashintsha umqondo ngemizuzu yokugcina.
IStars izovakashela AmaZulu emdlalweni we-Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, kusasa ngo-3 ntambama.
“Kubalulekile ukuqala kahle isizini. Kulokhu zonke izinhlelo zihambe kahle akufani nedlule lapho siphazanyiswe yindaba yokudayisa iqembu. Sizolwela ukubuya namaphuzu amathathu.”
IStars ishaya ngabadlali abasha okukhona kubona uSello Jaftha ochithwe yiPirates. UJaftha ubekade ethengwe yiPirates kuyona iStars ekuqaleni kwesizini edlule eza nobeyiphini lomqeqeshi uBradley Carnell.
Umqeqeshi waMaZulu, uCavin Johnson, uthe ulindele umdlalo onzima kwiStars.
“Kunginika umdlandla ukubona ukuthi kuyangena kubadlali esizama ukukudlulisa njengabaqeqeshi. Kugcwalisa ithemba lokuthi kuzokwenzeka ngendlela esihlele ngayo ngoMgqibelo (kusasa).
“Banomqeqeshi omusha uSammy Troughton nabadlali abasha. Sibabonile emidlalweni yokulungiselela isizini. Silindele iStars ehlukile, siyazi ukuthi bazolwa kodwa eKing Zwelithini sifuna ukwenza kube nzima kuwona wonke amaqembu.”