Izilomo zeDowns ethubeni lokudla ezinye izicoco
IZILOMO zabadlali beMamelodi Sundowns, u-Oupa “Ace” Manyisa noGeorge “G17” Lebese, zisethubeni elihle lokuthola izicoco esezishoda ngazo empilweni yazo.
Lezi zilomo ezimbili zimenyezelwe ngokusemthethweni njengabadlali beSundowns ngesonto eledlule. Zombili zisayine izinkontileka zeminyaka emithathu. UManyisa noLebese bahlabane ngenqwaba yezicoco emaqenjini abebedlala kuwona.
ULebese, obegijima kwiChiefs, unqobe izicoco eziyisikhombisa naMakhosi. Uhlabane ngezimbili zeMTN 8, ezimbili zeTelkom Knockout, eseNedbank Cup nezimbili ze-Absa Premiership.
KwiChiefs uhlale iminyaka eyisishiyagalombili. UManyisa uphakamise izicoco ezimbili zeligi, eseTelkom Knockout, ezimbili zeNedbank Cup nezimbili zeMTN 8 kwi-Orlando Pirates.
UThulani Thuswa wezokuxhumana kwiSundowns utshele Isolezwe ukuthi babhalise uManyisa noLebese kwiCAF Champions League njengoba bekunophawini wokwengeza abadlali abathathu.
“Sibhalise uManyisa, Lebese noThela Ngobeni kwiChampions League. Yibona badlali abathathu esibabhalisile,” kusho uThuswa kafushane.
UManyisa useke wadlala emdlalweni wamanqamu weChampions League ngo-2013 ngesikhathi iPirates ithelwa othulini yizinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly. Ngo-2014 ubekhona futhi uManyisa ngesikhathi eZimnyama ziguqiswa yi-Etiole du Sahel yaseTunisia ngo 1-0 kowamanqamu weCAF Confederation Cup.
UNgobeni uzovala indawo kaWayne Sandilands oshiye iDowns wajoyina iPirates. Ngesizini edlule uNgobeni ubebolekiswe kwiFree State Stars lapho edlale khona kahle kakhulu. Kuma-quarterfinal eChampions League, iSundowns izoshukana neWydad Casablanca yaseMorocco ekhaya nasekuhambeni.
ISundowns ivikela iChampions League kanti iphethe nesicoco seCaf Super Cup.
Isolezwe liphinde lahabula izindaba zokuthi mancane amathuba okuthi uKwanda Mngonyama abuyele kwiMaritzburg United abebolekiswe kuyona kula masizini amathathu adlule. Kubuzwe uThuswa ngale ndaba wathi umdlali unenkontileka neSundowns futhi basazothatha isinqumo sokuthi bayamgcina yini noma cha.
Kusolakala ukuthi ukungasayi kukaDeolin Mekoa weMaritzburg kwiSundowns yikona okwenze leli qembu laseChloorkop lingabe lisafuna ukuqhubeka nokuboleka iTeam of Choice uMngonyama.
Kusasa iSundowns izobhekana neSuperSport United emdlalweni we-Absa Premiership eLucas Moripe Stadium, ngo-3 ntambama.
IMIDLALO ye-Absa Premiership:
Namuhla: Bidvest Wits v Cape Town City FC (Bidvest Stadium, 8pm)
Kusasa: SuperSport United v Mamelodi Sundown (Lucas Moripe Stadium, 3pm); Polokwane City v Baroka FC (Old Peter Mokaba Stadium, 3pm); AmaZulu v Free State Stars (King Zwelithini Stadium, 3pm); Orlando Pirates v Chippa United (Orlando Stadium, 6pm); Ajax Cape Town v Golden Arrows (Cape Town Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Bloemfontein Celtic v Kaizer Chiefs (Free State Stadium, 3pm); Platinum Stars v Maritzburg United (Royal Bafokeng Stadium, 3pm)