Isolezwe

Usechithwe nayiRoyal Eagles uDrogba Ndulula

- MINENHLE MKHIZE

IROYAL Eagles ichitha umgadli owaduma emaqenjini aseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uBongani “Drogba” Ndulula.

Lo mgadli ophethe irekhodi lamagoli amaningi eqenjini lesizwe lika-Under 23 ubezama inhlanhla naleli qembu. UJames Dlamini oyimenenja jikelele ye-Eagles utshele Isolezwe ukuthi ngeke bamsayinis­e uNdulula.

“UNdulula ngeke asayine. Uyabonakal­a ukuthi kade agcina ukudlala. Izinga lakhe liphansi kakhulu. Uma simsayinis­a angadlala ngemuva kwesikhath­i eside. Umuntu esixoxa naye nguSiyanda Ngubo,” kusho uDlamini.

UNdulula uke wayibamba nakwiBafan­a Bafana. Wafaka isandla ekutheni izibekisel­e indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2015 e-Equatorial Guinea.

Sekuphele isikhathi eside agcina ukubonakal­a enkundleni. Kumasizini amabili edlule uchithwe yiChiefs, ngemuva kwalokho wajoyina iChippa United. Nakhona akazange enze into ebonakalay­o.

Uze wahamba engakaze akhombise ukuthi uphetheni.

I-Eagles emchithayo izogadulis­ana neThongath­i ePrincess Magogo Stadium, eThekwini kusasa ngo-3 ntambama emdlalweni weNational First Division (NFD). Leli qembu lihluleke lancama ukuzibekis­ela indawo kumaPlay Off kula masizini amabili adlule.

Ushikishi lwemidlalo yeNFD luyasuka ngempelaso­nto. Komunye umdlalo olapha KwaZulu-Natal, iRichards Bay FC izobhekana neReal Kings eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay ngeSonto ngo-3 ntambama.

Womabili amaqembu aziqinisil­e izikwati zawo njengoba kuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali.

IKings ithenge uRicardo Goos obegijima kwiLamontv­ille Golden Arrows, kwathi iRichards Bay FC yahlabana ngoManti Mekoa, Khulekani Madondo, Veluyeke Zulu, Khayelihle Shozi noSiphelel­e Mkhulise.

Leli qembu licijwa nguRoger Sikhakhane osize iThanda Royal Zulu yadla umhlangani­so kuNFD ngesizini edlule. Lo mqeqeshi ubekelwe umgomo wamaphuzu angu-60.

Usenyusele amaqembu amabili esigabeni esikhulu kwazise iChippa United nguyena owayifaka esigabeni esikhulu. Imidlalo yeNFD: Kusasa ngo-3 ntambama: Highlands Park v Jomo Cosmos (Makhulong Stadium); Pretoria University FC v Mthatha Bucks (ABSA Tuks Stadium); Witbank Spurs v Super Eagles (Puma Stadium); Uthongathi FC v Royal Eagles (Princess Magogo Stadium); Mbombela United v Black Leopards (Kanyamazan­e Stadium)

NgeSonto ngo-3 ntambama: Richards Bay v Real Kings (Richards Bay Sports Stadium); Tshakhuma Tsha Madzivhadi­la v Cape Town All Stars (Athlone Stadium)

NgoMsombul­uko: Ubuntu Cape Town v Stellenbos­ch (NNK Rugby Stadium, 3pm).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa