Sifisa ukubona ibhola elihehayo kweye-Absa Premiership
AYIKHO into emnandi njengokuba nezifiso. Into eyenza kube mnandi nakakhulu wukuthi akukhokhelwa ngisho indibilishi lena. Sonke sinazo-ke izifiso zethu nokuyinto ejwayelekile uma ungumuntu uphila.
Nami nje ngiwuGatsheni nginesifiso cishe esifanayo nesabaningi. Kumanje ngifisa into engazi kahle ukuthi iqhelelene kakhulu nami. Nginesifiso sokuthi kengicele inselelo kuFloyd Mayweather Junior, oshaya isibhakela, singene eringini sithi ukushaya amankomane.
Ngazi kahle ukuthi angisoze ngikwazi nokumthinta ngomunwe wodwa lo uMayweather kodwa okungenza ukuthi ngifise ukungena eringini naye imali engingayithola, kungakhathalekile ukuthi ungimuhluze kanjani ngemuva kwemizuzwana nje engu20 iqalile impi.
Phela ngingabaleka ngigcwale iringi yonke ngenzela ukuthi angangiqumbi phansi kabuhlungu uMayweather kodwa uma kwenzekile ngeke ngibe nandaba ngoba okungabe kubalulekile ukuthi ngiphume nezizumbulu lezi abazitamuzayo. Noma ngingavuka esibhedlela ngeke ngibe nandaba uma ngiyofika ekhaya kujabule abantwana. Engizama ukukusho nje ukuthi ngiyafisa ukuba nemali futhi ibe ningi njengeyakhe umfo kaMayweather.
Ngiyazi manje umfundi useyasho ukuthi kwasiyala ukuhamba kukaBhungane nango phela uGatsheni esesitshela into esiyaziyo sonke ukuthi akekho ongathandi ukuba nemali emhlabeni. Ngiyaphi na nale nkulumo? Ngazi kahle ukuthi njengoba kuqala imidlalo ye-Absa Premiership namuhla abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika banezifiso eziningi ezinkulu nezahlukene ngamaqembu abo. Kodwa engingakuthandabuzi ukuthi sikhona isifiso esisodwa esifanayo abanaso noma ungababuza ngamunye ngamunye ngokwahlukana.
Thina nje esizifelayo ngonobhutshuzwayo ngeke ukungabaze ukuthi sifisa ukubona ibhola elihle, elihehayo nelizosenza sikhulume njengoba lizosuka lihlale emidlalweni ye-Absa Premiership namuhla ebusuku. Sekukaningi kumasizini edlule abalandeli bekhala esikaNandi ngombhedo webhola abasuke bewubona udlalwa amaqembu aseNingizimu Afrika. Abanye baze bakusho kugcwale umlomo ukuthi ibhola lakuleli alisafani nakudala lapho kwakunabadlali abafana noPartick “Ace” Ntsoelengoe, Nelson “Teenage” Dladla, Nick “Bazooka” Seshweni, Joel “Ace” Mnini, Cedric “Sugar Ray” Xulu, Vusi “Computer” Lamola nabanye ababenza abalandeli bangafuni nakancane ukuphuthelwa ukuyozibonela mathupha enkundleni izingwazi ababezikhonzile.
Ngekeke ukuphikise ukuthi umndeni kanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika unesifiso sokuthi kubuye izikhathi ezimnandi ebholeni laseMzansi, kudlalwe ibhola elinenkosi phakathi, hhayi le nsamabatheka okuhlale kukhalwa ngayo ukuthi iyabhora.
Ezifisweni zethu singathanda ukubona amaqembu athathwa njengamakhulu iKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, ekhuphula amasokisi edlala ibhola elihle ukuze igama elithi unobhutshuzwayo wethu uyabhora lingaphinyiswa nakancane. Yinto eyaziwayo ukuthi uma la maqembu edlala kahle umbango wesicoco ushuba kakhulu bese thina esithanda unobhutshuzwayo sithole into esizokhuluma ngayo.
Nokho akuwona wodwa la maqembu esilindele ukuthi adlale kahle ngoba iBidvest Wits, SuperSport United, Cape Town City neMaritzburg United babukeka bezimisele ngokuba nesizini enhle. Phela la maqembu iwona azodlala kuma-semi final eMTN 8 lapho ezobe engekho lawa athathwa njengamakhulu eNingizimu Afrika. Uma kunamaqembu ayisishiyagalombili noma ngaphezudlwana avutha bhe kwiPremiership, singafezeka isifiso sethu sokuba nesizini emnandi.
Isifiso esikhulu kunazo zonke ukuthi amaqembu ashaye amagoli, kuthi noma kungabi khona egoba uphondo kodwa kube ukuthi zibambane ngo 2-2 noma 3-3. Ayikho into ecasula njengokubuka umdlalo uphele ngo 0-0 uthole ukuthi nakhona onozinti bebeseholidini nje. Ngesizini edlule kube amaqembu afana nePirates adlale ngokulingana kakhulu nokufakazelwe ukuthi leli qembu lingangeni ngisho kwiTop 8. Cha kulokhu asifisi ukubona lokho kodwa singathanda ukubona amaqembu egijimisana nje kufe ofayo.
Indaba yamagoli iyinkinga kakhulu kwiPremiership. Kuyinto eyihlazo kakhulu ukuthi umdlali oqeda isizini eshaye amagoli amaningi kunabo bonke emidlalweni yeligi uthola ukuthi akafikanga ngisho kwawu 15. Ngokwami nje iPremier Soccer League (PSL) kumele ishaye umthetho wokuthi umgadli ngeke anikwe iLesley Manyathela Golden Boot Award uma engahlohlanga amagoli angu-20 kuya phezulu.
Esinye isifiso ukuthi onompempe badlalise ngendlela eyiyo kungakhalwa ubumayemaye ngamaphutha abo. Wonke umuntu uma enza umsebenzi wakhe kumele awenze ngokuzimisela kungakhonondwa ngawo.
Isifiso sokugcina nje sami njengomuntu ozifela ngonobhutshuzwayo ukuthi abalandeli bake bafunde ukufika ngesikhathi ezinkundleni uma kunemidlalo emikhulu, ukuze kungabi nezigameko ezifana nesangoJulayi 29 nonyaka lapho kwashona khona abantu kubhekene iChiefs nePirates kwi-Carling Black Label Champion Cup. Ake sizifundise ukufika enkundleni kusasele okungasenani ihora kuqale umdlalo njengoba kwenza abathandi bebhola lombhoxo.
Ngiyazi ukuthi akuzona zonke izifiso zami ezizofezeka njengoba kuqala lolu shikishi lwemidlalo yeligi.
Nokho ngiyohlale ngifisa ukuba nemali, seniyomxoxela naye umfo kaMayweather uma nihlangana naye ukuthi sengiqalile ukujima.