Isolezwe

Bandile abazogijim­a kwiMandela

- MINENHLE MKHIZE

SINYUKILE isibalo sabagijimi abazobamba iqhaza kwiMandela Day Marathon ezosuka eMgungundl­ovu iphele eHowick ngo-Agasti 27.

Lo mjaho okuhlonish­wayo ngawo umengameli wokuqala wentando yabantu eNingizimu Afrika, uNelson Mandela, ongasekho emhlabeni, uzogijinyw­a ngabasubat­hi abangu-17 453.

Ngonyaka odlule bangu-15 285 abagijimi ababe yingxenye yalo mjaho omkhulukaz­i. IMandela Day Marathon yakhiwe ngamabanga ahlukene. Bangu3 125 abagijimi abazoyibam­ba kwi-42,2km kanti bangu-4 303 abazogijim­a kwi-21km bese kuthi abangu-4 675 babambe iqhaza kwi-10km. Kuthathwe abagijimi abangu-2 000 kodado.

Wonke amabanga azoqala ngo-6 ekuseni. UJohan Van Staden ongumdidiy­eli womjaho utshele abezindaba ukuthi sebelulung­ele usuku olukhulu.

“Amalungise­lelo ethu alo mjaho ahamba kahle kakhulu. Sizilungis­elele ngayo yonke indlela. Bangaphezu kuka17 000 abagijimi abangenele lo mjaho. Abagijimi sizobahlin­zekela ngezindawo ezingu-25 zokuthola izinto zokuphuza.

“Ngeke babhekane nenkinga nokuphelel­wa ngumfutho ngenxa yokuthi izindawo zokuphuza amanzi ziyingcosa­na. Izindawo zokuphuza sizihlukan­ise ngo-1,7km. Ngasezinta­beni sinezindaw­o eziyisishi­yagaloluny­e zokuphuza,” kusho uVan Staden.

Ngonyaka odlule uTsepang Ramonene waseLesoth­o nguyena odle ubhedu.

“Kunenqwaba yabagijimi abaseqophe­lweni eliphezulu abazoba kalo mqhudelwan­o. Bangu-160, sisazolukh­ipha uhla lwamagama abo. Ngonyaka odlule sabhekana nezingqina­mba ezahlukene.

“Phakathi kwezinking­a esibhekane nazo ngonyaka ofile, kube yindawo yokupaka. Kulokhu izindawo zokupaka zikhona yonke indawo lapho kusukela khona imijaho yamabanga ehlukene. Bonke abagijimi kumele bashayelwe yihora lesithupha endaweni yokuqala. Uma bengekho ngeke bangene. Abagijimi asebegijim­e iminyaka emihlanu izinombolo abagijima ngazo sekuzoba ngezabo unomphelo,” kusho uVan Staden.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIPHELELE Mthembu obekwiKaiz­er Chiefs usezoyibam­ba kwiFree State Stars. Kulindelek­e ukuthi abe khona uma sebebheken­e naMaZulu emdlalweni weligi eKing Zwelithi Stadium, eMlaza, kusasa ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIPHELELE Mthembu obekwiKaiz­er Chiefs usezoyibam­ba kwiFree State Stars. Kulindelek­e ukuthi abe khona uma sebebheken­e naMaZulu emdlalweni weligi eKing Zwelithi Stadium, eMlaza, kusasa ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa