Isolezwe

Usezoyibam­ba kwiStars ochithwe yiChiefs

- ZAKHELE XABA

UTHOLE ikhaya elisha kwiFree State Stars umgadli ochithwe yiKaizer Chiefs, uSiphelele Mthembu, okuvela ukuthi useqede konke ne-Ea Lla Koto.

UMthembu ufike ebholeni elikhokhel­ayo eminyakeni edlule ebangwa yiChiefs ne-Orlando Pirates. Nokho kuwona womabili la maqembu uhlulekile ukushaya amagoli ngendlela obilindelw­e.

Usayine kwiChiefs esephuma kwiPlatinu­m Stars ngo-2014 kodwa ufike ePhefeni waphenduka ukudla kwebhentsh­i. Ngesizini edlule ubeyibamba eqenjini leMulticho­ice Diski Challenge. Esikimini esikhulu esiholwa ngumqeqesh­i uSteve Komphela bekugiya uGustavo Paez noBernard Parker.

Imenenja yeStars, uRantsie Mokoena, ikuqinisek­isile ukuthi sebeqede konke noMthembu. Ku-Ea Lla Koto kukhona no-Edward Manqele owayegijim­a kwiChiefs nakwiMamel­odi Sundowns otshelwe ukuthi akehlise ukukhuluph­ala ngaphambi kokunikwa inkontilek­a kuleli qembu.

“Sekusele ukuthi asayine, sesivumele­ne ngakho konke. Ngiyakholw­a wukuthi uMthembu uzosisiza kakhulu. Okuhle wukuthi ukwazi ukudlala ngezindlel­a ezihlukene phambili. Simhlole kahle, sambona ukuthi kukhona esisengaku­thola kuyena,” kusho uMokoena.

NgoJanuwar­i, iChiefs izame ukubolekis­a ngoMthembu kwiBloemfo­ntein Celtic kodwa iPhunya Sele Sele yashintsha umqondo ngemizuzu yokugcina.

IStars izovakashe­la AmaZulu emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, kusasa ngo-3 ntambama.

“Kubaluleki­le ukuqala kahle isizini. Kulokhu zonke izinhlelo zihambe kahle akufani nedlule lapho siphazanyi­swe yindaba yokudayisa iqembu. Sizolwela ukubuya namaphuzu amathathu.”

IStars ishaya ngabadlali abasha okukhona kubona uSello Jaftha ochithwe yiPirates. UJaftha ubekade ethengwe yiPirates kuyona iStars ekuqaleni kwesizini edlule eza nobeyiphin­i lomqeqeshi uBradley Carnell.

Umqeqeshi waMaZulu, uCavin Johnson, uthe ulindele umdlalo onzima kwiStars.

“Kunginika umdlandla ukubona ukuthi kuyangena kubadlali esizama ukukudluli­sa njengabaqe­qeshi. Kugcwalisa ithemba lokuthi kuzokwenze­ka ngendlela esihlele ngayo ngoMgqibel­o (kusasa).

“Banomqeqes­hi omusha uSammy Troughton nabadlali abasha. Sibabonile emidlalwen­i yokulungis­elela isizini. Silindele iStars ehlukile, siyazi ukuthi bazolwa kodwa eKing Zwelithini sifuna ukwenza kube nzima kuwona wonke amaqembu.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa