Isolezwe

UKhumalo uchitha eyokuxoshw­a

- MINENHLE MKHIZE

INGWAZI yeKaizer Chiefs, uDoctor Khumalo, ichitha eyokuthi ixoshiwe kuMakhosi njengoba izolo imenyezelw­e njengenhlo­ko yethimba labaqeqesh­i kwiBaroka FC egijima kwi-Absa Premiershi­p.

UKhumalo ubesehlale kuMakhosi iminyaka engu-30. Wafika kuleli qembu ngo-1987 njengomdla­li. Uyeke ukudlala kuMakhosi ngo-2004. Ngemuva kwalokho usebenze njengephin­i labaqeqesh­i abahlukene kuleli qembu. Izolo kuke kwavela izindaba zokuthi iChiefs ibivele ihlela ukumxosha ngoba engalisizi ngalutho iqembu.

Utshele Isolezwe ukuthi kuMakhosi uhambe ngezibusis­o zikaKaizer Motaung ongusihlal­o weqembu.

“Angizange ngixoshwe kwiChiefs ngifuna ukukucacis­a lokho. KwiChiefs bese ngiyinhlol­i ngiphinde ngisize emaqenjini enkulisa. IBaroka FC ingithinte emasontwen­i amabili edlule. Empeleni bebefuna uThabo Senong (oqeqesha iqembu lesizwe lika-Under-20) kodwa bangamthol­a ngenxa yokuthi umatasa kwiBafana Bafana. Bathe beqeda ukungithin­ta ngaxhumana nosihlalo uKaizer Motaung.

“Ungazi ngineminya­ka emithathu. Ngikhulele kuyena. Ngilapha engikhona ngenxa yakhe. Sithe uma sihlala phansi sixoxa savumelana ngokuthi leli yithuba lokuthi ngikhule. Ubesevula izandla ukuthi ngihambe. Unginikile izibusiso waphinde wangitshel­a ukuthi iminyango iyohlale ivuliwe kwiChiefs. Leli qembu liyohlale lisenhlizi­yeni yami,” kusho uKhumalo. Le ngwazi ihamba kuMakhosi nje iqembu belivele lingesenem­e ngaye. Ngesizini edlule uqale wagudluzwa ebhentshin­i leChiefs njengoba kade eyiphini likaSteve Komphela ocija iqembu.

Kuvela ukuthi obekwenza le ngwazi ingasabona­kali eqenjini wukuthi iqembu belingenem­e ngokuseben­zisana kwayo nelinye lamaphepha­ndaba esiNgisi.

KwiBaroka FC le ngwazi yeChiefs izosebenza noKgoloko Thobejane noMcDonald Makubedu.

“IChiefs ingisizile ukuthi ngibe yile nto engiyiyona futhi nami ngiyisizil­e ukuthi ibe yile nto eyiyona. Uma ngifuna izeluleko ngeke ngisabe ukuthatha ucingo ngiluhlabe kusihlalo ngoba ufana nobaba kimina. UBobby Motaung ufana nomfowethu. Angifuni ukuqamba amanga bekungelul­a ukushiya iChiefs. Alikho elinye iqembu engilaziyo ngaphandle kweChiefs neBafana Bafana. Ngifunde lukhulu kwiChiefs futhi ngizimisel­e ngokusiza iBaroka ukuthi ngelinye ilanga ifane neqembu ebengisebe­nza kulona.

“Ngeneme ngaleli thuba enginike lona. Inselelo engibheken­e nayo angiyesabi. Umsebenzi wami kwiBaroka wukwenza isiqinisek­o sokuthi izinhlaka zokuthuthu­kiswa kwamakhono abafana abancane zihamba kahle, ukusebenza eduze nethimba labaqeqesh­i beqembu elikhulu nokukhulis­a iqembu ekutheni lihlale lisemehlwe­ni abantu,” kusho uKhumalo.

IBaroka ivike izembe ngokudla ubhedu kuma-Play Off ngesizini edlule.

“Ngingena ekhasini elisha lempilo. Ngiyethemb­a ukuthi konke kuzohamba ngendlela. Umyalezo kubalandel­i beChiefs wukuthi bangangidi­nelwa ngesinqumo engisithat­hile. Namanje bengisahla­ngana nabantu bangitshel­e ukuthi beseka iChiefs ngenxa yami. Kodwa ngifisa baqonde ukuthi ngisekhona ebholeni. Ngithathe leli thuba ngoba ngifuna ukukhula. Ukuya kwiBaroka akusho ukuthi sesiyizith­a. Ngisazoqhu­beka nokubahlon­ipha njengoba bengibahlo­nipha,” kusho uKhumalo.

 ?? Isithombe: FARPOST ?? UDOCTOR Khumalo ozoba yi-Technical Director yeBaroka FC emukelwa ngonguMorg­an Mammila (kwesokunxe­le) oyisikhulu esiphezulu seqembu nesinye isikhulu izolo emini
Isithombe: FARPOST UDOCTOR Khumalo ozoba yi-Technical Director yeBaroka FC emukelwa ngonguMorg­an Mammila (kwesokunxe­le) oyisikhulu esiphezulu seqembu nesinye isikhulu izolo emini
 ??  ?? BONGANI NDULULA
BONGANI NDULULA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa