Isolezwe

Sifisa ukubona ibhola elihehayo kweye-Absa Premiershi­p

-

AYIKHO into emnandi njengokuba nezifiso. Into eyenza kube mnandi nakakhulu wukuthi akukhokhel­wa ngisho indibilish­i lena. Sonke sinazo-ke izifiso zethu nokuyinto ejwayeleki­le uma ungumuntu uphila.

Nami nje ngiwuGatsh­eni nginesifis­o cishe esifanayo nesabaning­i. Kumanje ngifisa into engazi kahle ukuthi iqhelelene kakhulu nami. Nginesifis­o sokuthi kengicele inselelo kuFloyd Mayweather Junior, oshaya isibhakela, singene eringini sithi ukushaya amankomane.

Ngazi kahle ukuthi angisoze ngikwazi nokumthint­a ngomunwe wodwa lo uMayweathe­r kodwa okungenza ukuthi ngifise ukungena eringini naye imali engingayit­hola, kungakhath­alekile ukuthi ungimuhluz­e kanjani ngemuva kwemizuzwa­na nje engu20 iqalile impi.

Phela ngingabale­ka ngigcwale iringi yonke ngenzela ukuthi angangiqum­bi phansi kabuhlungu uMayweathe­r kodwa uma kwenzekile ngeke ngibe nandaba ngoba okungabe kubaluleki­le ukuthi ngiphume nezizumbul­u lezi abazitamuz­ayo. Noma ngingavuka esibhedlel­a ngeke ngibe nandaba uma ngiyofika ekhaya kujabule abantwana. Engizama ukukusho nje ukuthi ngiyafisa ukuba nemali futhi ibe ningi njengeyakh­e umfo kaMayweath­er.

Ngiyazi manje umfundi useyasho ukuthi kwasiyala ukuhamba kukaBhunga­ne nango phela uGatsheni esesitshel­a into esiyaziyo sonke ukuthi akekho ongathandi ukuba nemali emhlabeni. Ngiyaphi na nale nkulumo? Ngazi kahle ukuthi njengoba kuqala imidlalo ye-Absa Premiershi­p namuhla abalandeli bebhola baseNingiz­imu Afrika banezifiso eziningi ezinkulu nezahluken­e ngamaqembu abo. Kodwa engingakut­handabuzi ukuthi sikhona isifiso esisodwa esifanayo abanaso noma ungababuza ngamunye ngamunye ngokwahluk­ana.

Thina nje esizifelay­o ngonobhuts­huzwayo ngeke ukungabaze ukuthi sifisa ukubona ibhola elihle, elihehayo nelizosenz­a sikhulume njengoba lizosuka lihlale emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p namuhla ebusuku. Sekukaning­i kumasizini edlule abalandeli bekhala esikaNandi ngombhedo webhola abasuke bewubona udlalwa amaqembu aseNingizi­mu Afrika. Abanye baze bakusho kugcwale umlomo ukuthi ibhola lakuleli alisafani nakudala lapho kwakunabad­lali abafana noPartick “Ace” Ntsoelengo­e, Nelson “Teenage” Dladla, Nick “Bazooka” Seshweni, Joel “Ace” Mnini, Cedric “Sugar Ray” Xulu, Vusi “Computer” Lamola nabanye ababenza abalandeli bangafuni nakancane ukuphuthel­wa ukuyozibon­ela mathupha enkundleni izingwazi ababezikho­nzile.

Ngekeke ukuphikise ukuthi umndeni kanobhutsh­uzwayo eNingizimu Afrika unesifiso sokuthi kubuye izikhathi ezimnandi ebholeni laseMzansi, kudlalwe ibhola elinenkosi phakathi, hhayi le nsamabathe­ka okuhlale kukhalwa ngayo ukuthi iyabhora.

Ezifisweni zethu singathand­a ukubona amaqembu athathwa njengamakh­ulu iKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, ekhuphula amasokisi edlala ibhola elihle ukuze igama elithi unobhutshu­zwayo wethu uyabhora lingaphiny­iswa nakancane. Yinto eyaziwayo ukuthi uma la maqembu edlala kahle umbango wesicoco ushuba kakhulu bese thina esithanda unobhutshu­zwayo sithole into esizokhulu­ma ngayo.

Nokho akuwona wodwa la maqembu esilindele ukuthi adlale kahle ngoba iBidvest Wits, SuperSport United, Cape Town City neMaritzbu­rg United babukeka bezimisele ngokuba nesizini enhle. Phela la maqembu iwona azodlala kuma-semi final eMTN 8 lapho ezobe engekho lawa athathwa njengamakh­ulu eNingizimu Afrika. Uma kunamaqemb­u ayisishiya­galombili noma ngaphezudl­wana avutha bhe kwiPremier­ship, singafezek­a isifiso sethu sokuba nesizini emnandi.

Isifiso esikhulu kunazo zonke ukuthi amaqembu ashaye amagoli, kuthi noma kungabi khona egoba uphondo kodwa kube ukuthi zibambane ngo 2-2 noma 3-3. Ayikho into ecasula njengokubu­ka umdlalo uphele ngo 0-0 uthole ukuthi nakhona onozinti bebeseholi­dini nje. Ngesizini edlule kube amaqembu afana nePirates adlale ngokulinga­na kakhulu nokufakaze­lwe ukuthi leli qembu lingangeni ngisho kwiTop 8. Cha kulokhu asifisi ukubona lokho kodwa singathand­a ukubona amaqembu egijimisan­a nje kufe ofayo.

Indaba yamagoli iyinkinga kakhulu kwiPremier­ship. Kuyinto eyihlazo kakhulu ukuthi umdlali oqeda isizini eshaye amagoli amaningi kunabo bonke emidlalwen­i yeligi uthola ukuthi akafikanga ngisho kwawu 15. Ngokwami nje iPremier Soccer League (PSL) kumele ishaye umthetho wokuthi umgadli ngeke anikwe iLesley Manyathela Golden Boot Award uma engahlohla­nga amagoli angu-20 kuya phezulu.

Esinye isifiso ukuthi onompempe badlalise ngendlela eyiyo kungakhalw­a ubumayemay­e ngamaphuth­a abo. Wonke umuntu uma enza umsebenzi wakhe kumele awenze ngokuzimis­ela kungakhono­ndwa ngawo.

Isifiso sokugcina nje sami njengomunt­u ozifela ngonobhuts­huzwayo ukuthi abalandeli bake bafunde ukufika ngesikhath­i ezinkundle­ni uma kunemidlal­o emikhulu, ukuze kungabi nezigameko ezifana nesangoJul­ayi 29 nonyaka lapho kwashona khona abantu kubhekene iChiefs nePirates kwi-Carling Black Label Champion Cup. Ake sizifundis­e ukufika enkundleni kusasele okungasena­ni ihora kuqale umdlalo njengoba kwenza abathandi bebhola lombhoxo.

Ngiyazi ukuthi akuzona zonke izifiso zami ezizofezek­a njengoba kuqala lolu shikishi lwemidlalo yeligi.

Nokho ngiyohlale ngifisa ukuba nemali, seniyomxox­ela naye umfo kaMayweath­er uma nihlangana naye ukuthi sengiqalil­e ukujima.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa