Isolezwe

Idayiswe kakhulu IMazda CX-5

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: MAZDA CX-5

IMOTO edayise kakhulu kwaMazda ngenyanga eyedlule kube yiCX-5 njengoba kudayiswe angu-342. ICX-5 entsha yethulwe emakethe maphakathi noMeyi wanonyaka. Iqhubeka lapho kugcine khona endala eyethulwa ngo-2012 njengoba kuyona bekudayisw­a alinganise­lwa ku-350 ngenyanga.

Ngaphambil­i igolozile nge-grille enkulu yase iba nekhala elithe ukucija. Phakathi kwezinto ezintsha eshaya ngazo ngamaLED headlights namalambu enkungu ngaphambil­i. Amalambu ungawabona emancane kodwa akhanya bha ungaze ucoshe inaliti ebusuku.

Inamarimu amasha angu-17 inch alloy wheels, USB kwiarmrest ephakathi nendawo ngaphambil­i kanjalo nezicabha ezizikhiya­yo kwi-Active ehamba ngophethro­li.

IDynamic yona inamarimu amasha angu-19 inch alloy wheels, izihlalo zesikhumba, nesihlalo somshayeli esihlelwa ngogesi. Kwi-Individual uthola izipikha ezingu-10 ezigqomayo zeBose, head-up display, isicabha sangemuva sivulwa ngebhathin­i, Smart City Brake Support (SCBS) neDriver Attention Alert (DAA). Inemibala emisha okunguSoul Red Crystal, okuwumbala omuhle webengiham­ba ngayo noMachine Gray Metallic.

Ngasezinji­nini kukhona izinhlobo ezintathu okuyiSKYAC­TIV-G 2.0l no-2.5l kuphethrol­i kanjalo neSKYACTIV-D 2.2l kadizili. Injini engu-2.0l itholakala ngamagiya azishintsh­ayo kanjalo nashintshw­ayo. I-2.5l kaphethrol­i ne-2.2l kadizili zona zitholakal­a ngamagiya azishintsh­ayo.

IMazda CX-5 2.0l Active FWD Manual ne-2.0l Active FWD Auto zinamandla angu121Kw ne-torque ka-210Nm, LED headlamps, amafog lights eLED ngaphambil­i, amalambu azikhanyel­ayo ebumnyamen­i, amarimu amasha angu-17 inch, i-dual zone airconditi­oner, 7 inch display, MZD connect system, Bluetooth, Radio/ CD/ Aux/USB, USB ngemuva kwiarmrest, i-cruise control, izihlalo ziyagoqeka, Hill Launch Assist, idunyiswa ngebhathin­i, izipikha eziyisithu­pha, inamabhath­ini esiteringi­ni, ama-wiper ayazishaya uma lina, i-handbrake yebhathini, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla futhi izicabha ziyazikhiy­a.

I-2.2 l DE Active Auto FWD inamandla angu-129kW netorque ka-420Nm. I-CX-5 Dynamic FWD Manual ne-2.0L Dynamic FWD Automatic kuphuma ne-smart advanced keyless entry, amarimu amasha, izihlalo zesikhumba nokunye.

I-2.5l Individual Auto FWD, okuyiyo engithole ithuba lokuyihlol­a, yiyona enamandla okuzedlula zonke njengoba ifuqa angu-143kW ne-torque ka-257 Nm.

Iphuma ne-sunroof, izipikha zeBose ezingu-10, ama-sensor ngemuva nangaphamb­ili enza kube lula ukuyipaka njengoba ilula nje, iyakutshel­a uma kunemoto eceleni kwakho, iyakutshel­a uma uphuma emzileni njengoba ivele ibange umsindo.

Ngiqaphele nokuthi isiteringi siyazijike­la uma ibona ngathi uyaphuma emzileni.

Lokhu akusho ukuthi ungayiyeke­la izenzele yonke into ngoba iyakutshel­a kwi-head-updisplay ukuthi bamba isiteringi. Iyakulekel­ela ukubhreka ngokushesh­a esiminyami­nyeni, ine-navigation futhi isicabha sangemuva siyazivule­kela.

Ngicabanga ukuthi ithangi layo lincane ngoba uma igcwele ikutshela ukuthi ingahamba ibanga elilingani­selwa ku-500. Uma uyishayela uyakwazi ukuyifaka kuSport.

Lapho ivele idumele phezulu futhi uma unyathela amafutha ingena ejubaneni ngokushesh­a. Emakhoneni iyanamathe­la kwazise idonsa ngawo womane amasondo.

Eyokugcina yiMazda CX-5 2.2l DE Akera AWD Auto ekhahlela amandla angu-129kW netorque ka-420Nm. Idonsa ngawomane amasondo. IneGVector­ing Control esiza ekutheni imoto ibambelele kangcono emakhoneni. AMANANI Mazda CX-5 2.0L Active FWD Manual – R379,900 (Incl VAT) Mazda CX-52.0L Active FWD Auto – R391,900 (Incl VAT) Mazda CX-5 2.2L DE Active Auto FWD – R459,400 (Incl VAT) Mazda CX-5 2.0L Dynamic FWD Manual – R404,900 (Incl VAT) Mazda CX-5 2.0L Dynamic FWD Automatic – R416,900 (Incl VAT) Mazda CX-5 2.5L Individual Auto FWD – R491,900 (Incl VAT) Mazda CX-5 2.2L DE Akera AWD Auto – R557,500 (Incl VAT)

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa