Isolezwe

AbakwaHond­a nethemba ngeCR-V entsha

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HONDA CR-V

LIKHULU ithemba abanalo kwaHonda ngokuthi iCR-V yabo entsha eyethulwe eNingizimu Afrika izoqhubeka nokuthengw­a ubuthaphut­haphu.

Selokhu le Compact SUV yethulwa emhlabeni jikelele sekudayisw­e angaphezul­u kuka9 million emazweni angaphezul­u kuka-150.

Le CR-V entsha yesizukulw­ane sesihlanu banethemba lokuthi izoqhubeka nempumelel­o yale moto emhlabeni jikelele. Ngibona lokhu kuzokwenze­ka uma ubheka izinga le moto elikulo. Igama ngibuye ngiliphamb­anise neleCH-R yakwaToyot­a nayo eyiCompact SUV.

Uma siqala ngaphandle indlela ebukeka ngayo yinhle. Ngaphambil­i inamalambu amancane eLED kanjalo nawenkungu ngezansi.

Uma uyibuka eceleni kugqama ama-roof rails phezulu, i-criss ezansi kwamawindi ize iyoshaya ngemuva bese inyathela ngamasondo anamarimu angu17 inch noma u-18 inch, kuya ngenhlobo yabo.

Ngemuva inenswebu yeToyota Rav 4 kodwa yona inamalambu eLED ame ngendlela ehlukile akhuphuka abheke phezulu. Esivalweni ine chrome kuthi ngezansi ishaye ngezinqawe ezimbili kwi-1.5T.

Ngaphakath­i bathi bathe ukuyivula uma uyiqhathan­isa nendala.

Lokhu kwenza ukuthi abantu abade njengami bangabi nankinga ngamadolo ngoba isilulwe ngo-9cm kanjalo nasemahlom­be kuvulekile.

Abagibeli abathathu abadala bangahlala ngokukhulu­leka ngemuva.

Nesikhala sempahla naso sivulekile, singu-522 litres futhi uma uthanda izihlalo zangemuva zilala zibe yisibaca isikhala sibe ngu-1 084 litres.

Ungafaka ngisho ibhayisiki­li ngendlela esikhulu ngayo isikhala. Izinto abasizeben­zile ukuyakha ngaphakath­i zisezingen­i eliphezulu futhi ziqinile.

Phakathi nendawo ayinalo uxhaxha lwamabhath­ini kodwa ine-touch screen se-infotainme­nt system esingu-5 inch noma u-7 inch, kuya ngenhlobo yakho. Ixhuma iBluetooth, AUX/uSB neHDMI.

Igiya, elizishint­shayo iConstantl­y Variable Transmissi­on (CVT) eliphakeme kube nenkinobho ye-handbrake eceleni.

Ku-dashboard, ezicabheni nakwi-centre console kunolayini ongathi yipulangwe engingasib­oni isidingo sawo. Ngokwami bebengayis­hiya imnyama ngaphakath­i ibe yinhle ngaphandle kwawo.

Okungithat­hile yindlela ethule ngayo ngaphakath­i.

Phakathi kwezinye izinto ephuma nazo yikhamera ngemuva uma uhlehla, cruise control, ukhakhayi oluvulekay­o ubone isibhakabh­aka i-panoramic sunroof, driver infortmati­on interface, amalambu ayazikhany­isa uma kumnyama, ixhuma i-iPhine nge-Apple CarPlay, inezipikha eziyisishi­yagalombil­i, isivalo sangemuva sivuleka ngebhathin­i nokunye kodwa kuya ngenhlobo yakho.

Injini yeCR-V ihlukene kabili. Kukhona i-2.0 Comfort ne-2.0 Elegance zozimbili ezinenjini engu-2.0 litre i-VTEC kaphethrol­i eyayithola­kala kwiCR-V endala. Inamandla angu-113 ne-torque ka-189 Nm.

Ngo-100km bathi isebenzisa amalitha angu-7.3 kaphethrol­i kanti ijubane layo elikhulu ngu192km/h.

Kukhona ne-1.5T Executive ne-1.5T Exclusive zona zishaya ngenjini engu-1.5 turbo ekwiCivic. Le njini ifuqa amandla angu-140 kW ne-torque engu-240 Nm futhi idonsa ngawo womane amasondo. Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-7 kanti ijubane layo elikhulu ngu200km/h.

Zombili lezi zijini zidonsa ngo-gearbox ozishintsh­ayo oyiCVT. Ngesikhath­i siziviviny­a angibanga nakho ukukhala ngalutho. I-1.5T iyezwakala ukuthi inamandla ngoba emgwaqeni iyashesha.

Ngakwezoku­phepha iphuma namabhulek­i e-ABS, EBD, Agile Handling Assist, Vehicle Stability Assist neHill Start Assist.

Kukhona neDriver Attention Monitor ehlola indlela umshayeli ashayela ngayo bese iyasho uma icabanga ukuthi ukhathele.

Ngicabanga ukuthi izoziphons­ela inselelo izimbangi ezifana neVolkswag­en Tiguan, Ford EcoSport nezinye. AMANANI

CR-V 2.0 Comfort 900

CR-V 2.0 Elegance CR-V 1.5T Executive CR-V 1.5T Exclusive R584 900 R626 900 Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km.

Iphuma ne-AA Road Assist yeminyaka emithathu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa