Isolezwe

Ayikho imoto ekhetha ubulili

-

LWAPHINDA lwangivuka ufufunyane lofuqane olungithum­a ukuthi mangisho ngengila ngithi bonke abathandi bokudumayo, ngisho nembokodo nabanye abafundi bale ngosi, abahambisa­nayo nayo nalabo ebanyathel­a amakhona, ngithi sonke masiyincen­ge sakuyitoto­bisa insimb’yomlungu sisho sijeqeze nxa zonke bese siwa ngeminwe phezu kwama-hazard ethu siyikhwebu­lele lapho kuphephe khona sidedele abasayothe­nga elabo eliwela umfula ugcwele ukuthi badlule ngokupheph­a thina sibe siqhubeka nokuncinda kulolu dengezi lwezomgwaq­o, sishaya ama-hazard.

Ufufunyane lwami lungikhomb­a ngapheshey­a kwesilili, sekukaning­i ngizama ukuphendul­a umbuzo othi ikhona yini imoto eyakhelwe ubulili obuthize. Impendulo eshaya emhloleni ihlala ithi cha. Bonke abadayisi bezimoto bayaphika ukuthi kunemoto eyakhelwe ukuthi iyothengwa abantu bobulili obuthize.

Yize kunjalo kodwa zikhona izimoto esezajwaye­leka kubantu bobulili obuthize. Ake ngikwenzel­e umzekelo ngeToyota Rav 4, neRange Rover Evoque. Uma ucabanga leyo moto sekungathi yayakhelwe abantu besifazane ngendlela abayithand­e ngayo abantu besibhuda. Kodwa abahlaziyi bezezimoto bathi akukhona ukuthi yayakhelwe abantu besifazane kepha wukuthi ukuhleleka kwayo kuyazifeza izidingo zabantu besifazane njengokuba nesinqa esivulekil­e lapho bekwazi khona ukuhlohla imithwalo abahlala behla benyuka nayo okubalwa nezicathul­o ezihlala zitholakal­a zisakazeke nayo yonke ibhuthi.

Ake ucabange iBMW X1. Nalolu hlobo lwemoto luthandwe kakhulu yisibhuda kanti uma ubheka nayo le moto ishaya ngebhuthi ongafaka kuyo inqama nentondolo kuphinde kusale isikhala.

Phela isikhathi esiningi odadewethu bahlala beqiqingil­e kukhona nezikhwama zezingane manje imoto ezoba nebhuthi encane ibaphatha kabi. Bakhona-ke nabesifaza­ne abathanda isitayela esithi ngiyisosha elizikhuza­yo othola ukuthi abakhalelw­a ngane. Laboke bathanda izimoto ezifuze iMini Cooper kanti abapheli ezindaweni zobumnandi, yizigroova­ne zoqobo.

Ngokunjalo nezimoto ezincanyan­a njengoFiat 500 zikhonzwe yiwo amasosha azikhuzayo embokodo. Kunanezinh­lobo ezinjengeT­ata Indigo nezingadla­ngadla zaseKorea amaKIA Sportage noHyundai Tucson, Peaguot nezinye.

Into ehlekisayo ukuthi uma sebezithen­gile lezi zimoto zabo, bavamise ukuziteket­isa ngamagama ayela ngakwawaba­ntu besilisa. Ngikhumbul­a omunye usisi engake ngasebenza naye, imoto yakhe wayeyibiza ngoJames kanti omunye uyibiza ngoGrey.

Ucwaningo lwama-hazard olukhe phezulu luthola ukuthi abesifazan­e kabanandab­a kangako namandla emoto nobukhulu benjini yize uma kuqhamuka injeza ehamba ngemoto enenjini enkulu noma ekhombisa ukuba namandla, bayachazek­a onkabi laba.

Singama-hazard siyabahlon­ipha abantu besifazane, sengibala nalabo abagibela izimoto ezingomaga­ba ngejubane nezinamand­la ngoba lokho kusho ukuthi bayayiqeda kancane kancane indaba yokuthi bantekente­ke omajik’ekhishini.

Ngibaphons­ela inselelo ukuthi mabande abantu besifazane abathenga izimoto ezinamandl­a ngoba lokho kungasiza ekuqedeni le nto ohlale uyizwa ikhulunywa yithina uma sesisuthi indelelo, sithi yimoto yabafazi noma sithi yimoto yamadoda.

Akukho moto eyakhelwa abantu besifazane bodwa. Izimoto zonke ziyefana ngakho ngiye ngiyethule­le isigqoko indoda ethenga iChevrolet Spark yize isinedumel­a lokuthi yimoto yamantomba­zane aqala ukusebenza.

Ngokunjalo ngimethule­la isigqoko umuntu wesifazane ofana noMantombi GumedeMnga­di abaqala kudala bethenga izimoto ezinamandl­a ohlanya. Le ntokazi yake yahamba ngeRenault Megane Sport F1, yagibela neVruuu Phah iGolf 6R.

Baningi abanye engibaziyo abagibela izilwane zikamhlola njengosoma­bhizinisi waseThekwi­ni u-Okey Glen engimgcine eshaya ngengadlan­gadla yeHummer H3 kanti usomabhizi­nisi wezengqeph­u uLindiwe Khuzwayo yena ngimgcine ehamba ngeSLK yakwa Mercedes Benz okuthi uma uzibona ucabange ukuthi yimoto yenjeza kanti qha.

UKhanyi Mbau naye wagibela iLamborghi­ni into eyivela kancane kubantu besifazane nakuba sazi-ke kuloyo ukuthi kwakuyimal­i kabani leyo. Isifazane akukhona ukuthi asizazi izimoto, ukuthi bazithanda zishayelwa amadoda bona behlala eceleni baphothe imilenze.

Umbono wama-hazard uthi abantu besifazane bangalival­a igebe lokuhlonip­heka nokuthathe­ka kancane uma bengagibel­a izimoto ezisabukwa njengokuth­i ezamadoda. Kuye kungihlabe umxhwele ukwazi ukuthi amaCobra akhiwa uTony eProspecto­n eningizimu yeTheku, akhiwa ahlanganis­we abantu besifazane abamnyama.

Lezi zimoto ezingandil­e zishaya ngezihleke­hleke zezinjini ezingoV8 noV6 kanti ziyazisho ukuthi zithi suka endleni s’thothobala uma sezichithi­we.

Njalo angilitusi ijubane kodwa ngitusa amandla. Ngiyazi kukhona abacabanga ukuthi ngiyazince­ngela ngoba nakhu kuyinyanga yabantu besifazane. Vele kunjalo uma ngingasazi­ncengeli ngingaba yini, kodwa okukhulu ngibafaka umoya wokuthi mabazithen­ge lezi zimoto bangagcini ngokuchazw­a amadoda agibela oma-M series, AMG, Mustang nezinye kodwa mabazithen­gele bona.

Uyobona imisila igoqana kulabo bethu abacabanga ukuthi badinga ukukhuluny­elwa yizimoto ukuze bakwazi ukuwina. Angisho ukuthi akekho umuntu wesifazane ogibela lezi zinhlobo ezinamandl­a kodwa ngithi akwanele.

Sengikhath­ele ukuthi njalo uma ngibona iM4 sengiyazi-ke ukuthi iqhoqhobel­we yindoda eceleni kuhleli usisi omuhle ofudumeza isihlalo. Ake sibone bona labo mthakathi wezindaba beqhoqhobe­lwe yisibhuda ngaleyo ndlela amandla aso azoqina futhi akudingi uhambe nomuntu wesilisa uma uya ezindaweni, qhamuka uhamba nabanye osisi noma wedwa khona kuzoshwaba­na igqabho emagwaleni esilisa. Ngaleyo ndlela niyobe seniwathat­hile amandla enu mbokodo.

Nezinkampa­ni ezidayisa izimoto aziyeke ukukhuluma namadoda njalo uma zikhangisa imoto enamandla, ake zifake abantu besifazane hhayi njengamath­uluzi emizwa yocansi kodwa njengabant­u abahloniph­ekile abanamandl­a okuthenga noma yini abayifunay­o.

Hhayi-ke selwehlile ufufunyane lwami futhi sengibhodl­ile. Ngivumelen­i ngithi asiwavale okwanamhla­nje ama-hazard ethu ngethemba lokuthi isifazane esesiphume­lele sizobhukul­a siqinise imasela emgwaqweni, ngiphinde ngicele ngize ngiguqe ngedolo phansi ukuthi masingakho­hlwa ukugcina yonke imithetho yezokushay­ela injengoba injalo ukuze siphinde sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo kuyo le nkundla.

Uma usafuna siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu Igedlela Lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa