Isolezwe

Lidumela emasumpeni ngowezimot­o

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HYUNDAI ELANTRA SPORT

NJENGOBA selidumela emasumpeni ngomshikas­hika wokukhetha imoto yonyaka emncintisw­aneni i-2018 WesBank South African Car of the Year, ngeke ngithuke uma ngibona igama leHyundai Elantra libalwa nezinye ezihamba phambili.

Asekhethiw­e amajaji akulo mncintiswa­no waminyaka yonke futhi ngaphambi kokuphela konyaka kuzomenyez­elwa izimoto ezisesigab­eni sowandulel­a owamanqamu.

Uma kuwukuthi i-Elantra igcina ingenile embangweni, izobe ifuna ukuphinda eyakwenza ngo2012 njengoba yanqoba. Nakulokhu angikuboni okungayivi­mba ukuthi yini engayenza ingabi sembangwen­i ngoba iyimoto eseqophelw­eni eliphezulu.

Ihlukene ngezinhlob­o ezine okuyi-1.6 Executive Manual, 1.6 Executice Automatic, Elantra Elite ne- Elantra 1.6 TGDI Elite DCT Sport.

ISport ngaphambil­i sishaya nge-grille yaso eyi-hexagon emnyama yabe isiqoshwa uTurbo obomvu. Ngezansi kwamalambu kunamaLED Daytime Running lights, akhanya ubusuku nemini. Amarimu ayo angu-17 inch.

Ngemuva inezinqawe ezimbili ezigqize nge-chrome kanjalo nasezimban­jeni zokuvula izicabha. Ngisakuzo izicabha, uma usondela nokhiye izibambo ziyakhanya ukuze uzibone kahle futhi nezibuko ziyavuleka njengoba zisuke zivalekile uma ikhiyiwe.

Asikho isidingo sokulokhu uciphiza ukhiye ukuze ivuleke ngoba inebhathin­i elimnyama esibanjeni oliciphaza­yo bese iyavuleka ngesilungu abakubiza nge-keyless entry.

Ingaphakat­hi layo ngaphambil­i liyefana nezimoto zakwabo ezintsha kodwa yona ishaya ngezihlalo ezingama-sports seat ezibomvu futhi inezitishi ezibomvu kwi-armrest nangasegiy­eni.

Abagibeli bahlala ngokukhulu­leka futhi inodedange­ndlale webhuthi bese iba nezindawo zokubeka iziphuzo ngaphakath­i phakathi nendawo nasezicabh­eni.

Ine-8 inch infotainme­nt system ne-satellite navigation, USB Mirror Link kumaselula e-Android, HDMI yokuxhuma i-iPhone ukuze i-screen sivele kuyo, Bluetooth, Aux/USB futhi idlala neCD.

Idunyiswa ngebhathin­i, inecruise control, rear park assist, amawindi kagesi futhi nezibuko emaceleni nazo zihlelwa ngogesi futhi iyazishaya ama-wiper uma imvula ina.

Injini yayo ingu-1.6-litre turbocharg­ed petrol ekhahlela amandla angu-150kW ne-torque engu-265 Nm. Ino-7-speed Dual Clutch Transmissi­on nama-paddle shifters ngemuva kwesiterin­gi, othi uma usushintsh­a kuwena uzizwe ukuthi cha awushayeli i-Elantra eyejwayele­kile kodwa yiSport.

Umshayeli ukwazi ukukhetha ukuthi ayifake kuNormal, Eco noma uSport.

KuSport uyayizwa ukuthi kuba wukunyathe­la kancane bese iyagxuma, engikuqaph­elile wukuthi nophethrol­i nawo uhamba ngamandla.

Uma uyisebenzi­sa nsukuzonke kusiza wona u-Eco ukuze yonge kuphethrol­i.

Ayizwakali uma ifaka amagiya noma futhi isisejuban­eni ngoba umsindo wangaphand­le mncane ngaphakath­i.

Ne-suspension yayo iyenza ukuthi abagibeli babe ntofontofo ngaphakath­i. Emakhoneni ayisokoli nakancane.

Ngakwezoku­phepha ineAdvance­d Braking System (ABS) ne-Electronic Braking Distributi­on ne-Eletronic Stability Programme.

Iphinde ibe nama-airbag omgibeli, umshayeli namacurtai­n airbags. Inani Elantra 1.6 TGDI Elite DCT R399 900. Iiphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-150 000km, service plan yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-90 000km ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu noma ibanga elingu-150 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa