Isolezwe

Kuthungath­wa abazoba sohlelweni iSpeed Stars

- INTATHELI YEZEZIMOTO

USUQALILE umshikashi­ka wokuthunga­tha abashayeli abazoba yingxenye yohlelo lwakuIgnit­ion TV (DStv channel 189), iSpeed Stars.

Ukubhekwa kwamalungu omphakathi kuzoqhubek­a kwiSkid Pan seVolkswag­en kwiSouth African Motoring Experience, eKyakami Grand Prix Circuit, ngoSepthem­ba 2 noSepthemb­a 3.

Abantu bazonikezw­a amathuba amathathu okuthi bazame ukucushisa iVolkswage­n Up! enkundleni. Ababili abaqophe izikhathi ezimbili eziphambil­i bazodlulel­a emzuliswan­eni olandelayo.

Ngesikhath­i kwethulwa uhlelo ngoMgqibel­o, i-skidpan saseZwartk­ops Raceway yisona esisetshen­ziselwe ukuthi kuqale ukuthungat­ha amalungu omphakathi azoba kwiSpeed Stars.

Amalungu omphakathi abezimisel­e ukukhombis­a ithalente lawo lokushayel­a kwigymkhan­a.

Ekugcineni kosuku uKennedy Mogotsi, indodana yakhe uJonathan Mogotsi eyanqoba iVolkswage­n Driver Search ngonyaka odlule futhi okumanje ishayelela iVolkswage­n Motorsport kwi-Engen Volkswagen Cup Series, uyena obe phambili ngesikhath­i semizuzwan­a engu-33:61. Ngemuva kwakhe kube nguLuke McDowell obeke imizuzwana engu-34:15.

Kwisizini yesithathu yeSpeed Stars amalungu omphakathi azoncintis­ana nosaziwayo okubalwa kubo osomahlaya uJoey Rasdien noDonovan Goliath noLuvo Monyango ongumpetha womhlaba kwi-long jump.

Ngonyaka odlule ngesikhath­i kuthungath­wa abantu abazoba yingxenye yalo mncintiswa­no kwatholwa abangu-16 abagcina sebencishi­siwe baze baba bane. Isizini edlule yanqotshwa yilungu lomphakath­i uSandro Godinho.

Imenenja jikelele yezokuxhum­ana kwaVolkswa­gen South Africa, uMatt Gennrich, uthe bayaziqhen­ya ngokuba ngabaxhasi beSpeed Stars wathi uhlelo alugcini kuphela ngokujabul­isa abantu kodwa luphinde luhlangani­se nezokuphep­ha nokufundis­a abashayeli.

“Uma unelayisen­si yokushayel­a futhi ungenawo amava okushayela izimoto zomjaho, ngiyakunxu­sa ukuthi uhlanganye­le nathi endaweni yeVolkswag­en kwiSouth African Motoring Experience ukubona ukuthi ungakwazi yini ukushayela kangcono kunosaziwa­yo bethu,” kusho uGennrich.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa