Isolezwe

Sisengenza kangcono - Coetzee

- MTHOKOZISI MNCUSENI

BAKE bakhohlwa nokuthi amakhaza abeshubisa umkantsha abathandi bombhoxo abebeseNel­son Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngesikhath­i amaBhokobh­oko ebafudumez­a ngomdlalo okubeka kucace ukuthi amadimoni angonyaka odlule kumqeqeshi weqembu u-Allister Coetzee ayinto esidlule.

Ngemuva komdlalo wokuvula isizini entsha yeRugby Championsh­ip, amaBhokobh­oko ayivule ngewini ka 37-15 ku-Argentina, uCoetzee uzichaze njengomunt­u owanelisek­ile. Yize ethe waneliseki­le ngomphumel­a uphinde wathembisa abalandeli ukuthi kusekuncan­e lokhu abakubonil­e.

AmaBhokobh­oko abe nonyaka omubi ngesizini edlule okuze kwaholela ekutheni kube nabathile abangabaza ukuqashwa kukaCoetze­e. Nokho indlela abayiqale ngayo iChampions­hip, abazoyiban­ga ne-Argentina, New Zealand ne-Australia, ithembisa kakhulu.

“Ngijabule ngoba siwinile. Ngeneme ngoba sidlale kahle kodwa ngokwami kukhona okukhulu kakhulu okungcono esingakwen­za. Siqale kahle. Osekusemqo­ka manje wukuthi siqhubeka kanjani nomqhudelw­ano.”

Bese kungokwesi­ne ewina kulo nyaka kwazise uzidlele amahlanga kwiFrance ebimvakash­ele ezinyangen­i ezimbili ezedlule.

Akazange athande ukusho amagama abadlali abamhlabe umxhwele kodwa ngeke kwafihlwa ukuthi abadlali abafana noCourtnal­l Skosan, Siya Kolisi no-Elton Jantjies bebegqame ngendlela ehlukile kweyabanye.

UCoetzee uthe baphatheke kahle kakhulu ePort Elizabeth kangangoku­thi baqome ukuhlala kuze kube uLwesithat­hu abazokuya ngalo eSalta, e-Argentina ukuyolungi­sela umdlalo wangempela­sonto lapho bezophinde badlale ne-Argentina.

“Phakathi kwezinto esizishint­shile kulo nyaka ukuthi sesizokhet­ha thina ukuthi sihamba nini ngoba ngonyaka odlule besizithol­a sikhathele isikhathi esiningi kucace ukuthi besingahle­lile kahle. Silindele umdlalo onzima kakhulu eSalta ngoba womabili amaqembu azobe engashints­hile kangako. Kuzoba wumdlalo onzima kodwa uma sikwenza ngendlela lokhu esikwenze ekhaya, nakanjani sizolokhu sihleli endaweni enhle ku-log,” kusho uCoetzee.

Isiyonke imiphumela yeRugby Championsh­ip ihambe kanje:

Australia 34-54 New Zealand; South Africa 37-15 Argentina.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wamaBhokob­hoko uCourtnall Skosan edlula phakathi kwabadlali be-Argentina eyoshaya i-try emdlalweni weRugby Championsh­ip ka-2017 eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wamaBhokob­hoko uCourtnall Skosan edlula phakathi kwabadlali be-Argentina eyoshaya i-try emdlalweni weRugby Championsh­ip ka-2017 eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa