Isolezwe

Uphiwe emidlalwen­i ehlukene

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KWAYENA uyahluleka ukuchaza ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi aphiwe ngendlela efanayo emidlalwen­i enhlobonhl­obo engaphezul­u kwemihlanu u-Azania Zungu (10) waseMeeren­sea, eRichards Bay, odle umhlangani­so wokuba ovelele kwiLets Play ngoJulayi.

U-Azania, ofunda uGrade 4 eRichards Bay Christian School, uthe unekhono ngendlela efanayo kwi-hockey, ithenisi, unobhutshu­zwayo, ezokubhuku­da, ezokusubat­ha kanti ukhona naseqenjin­i lekhilikit­hi. Uthe kwayena ngeke achaze ukuthi lokhu kwenzeka kanjani kodwa unina, uCharmaine Zungu, nguyena owenza izinto zenzeke.

“Ngeke ngikwazi ukucacisa kahle ukuthi zenzeka kanjani zonke lezi zinto ngoba phakathi nazo kukhona izikhathi zokuziqeqe­sha, imidlalo kanti nomsebenzi wesikole umile. Iqiniso wukuthi umama nguyena owazi konke futhi uyena ohlela ngendlela okufanele kwenzeke.”

Nonina uphume emsebenzin­i waba khona ngesikhath­i u-Azania evakashelw­e emuva kokunqoba kwakhe kwiLets Play kaJulayi.

“Kuyona yonke imidlalo engiphiwe kuyona, i-hockey iyona engiyizwa ngaphakath­i kodwa akuyona enginekhon­o kakhulu kuyona. Lapho ngizwa khona sengathi ngiphiwe kakhulu isekubhuku­deni kangangoku­thi uma kungathiwa angikhethe ukudlala into eyodwa ngingagxil­a kwezokubhu­kuda. Kumnandi futhi kungenza ngizizwe ngikhulule­kile,” kusho u-Azania onesifiso sokuba umdlali okhokhelwa­yo emidlalwen­i eyahlukene kodwa futhi uzogxila esikoleni ngoba uyakuthand­a nokuba wudokotela obhekene nabadlali emikhakhen­i enhlobonhl­obo.

Unina, uCharmaine uthe: “Akukho engingakwe­nza ngoba uyingane yami futhi akudingi usosayensi ambone ukuthi uphiwe kwezemidla­lo. Ngikhuluma nawe nje ekuqaleni kwenyanga ezayo uyoqhudela­na ngokubhuku­da. Ngithuke kabi ngendaba yethenisi ngoba bengingama­zi ukuthi nakhona ukhona. Okuhle kakhulu wukuthi akehli kumamaki esikoleni. “Ngiyazama ngakho konke okusemandl­eni ukuthi izinto zenzeke. Akwethusi ukuthi abe nekhono emidlalwen­i eyehlukene ngoba nami ngikhule nginjalo. Umalume wakhe wayedlalel­a iqembu lesizwe le-hockey kanti uyise uneqembu lebhola. Imidlalo yinto ephambi kwakhe ngaso sonke isikhathi.”

 ??  ??
 ?? Isithombe: THOKOZANI MBUNDA ?? U-AZANIA Zungu ofunda eRichards Bay Christian School unekhono lokudlala imidlalo eminingi enhlobonhl­obo
Isithombe: THOKOZANI MBUNDA U-AZANIA Zungu ofunda eRichards Bay Christian School unekhono lokudlala imidlalo eminingi enhlobonhl­obo
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa