Isolezwe

Bafuna ukwenza into yamehlo omaskanda kwiNgqwele

- CHARLES KHUZWAYO

‘UMNDENI WAKWA-GUPTA AWUHAMBE NOBHULULU BAWO’ - CELE

Khaya Kheswa: Ey akake asiyeke, ubekuphi sonke lesi sikhathi? Usezokwenz­a sengathi le nto yoGupta yintsha! Yena kumele akhulume kakhulu ngokubuya komhlaba ukuze silime

Ntokozo Mjisa Nxaba: Wenza kahle aziphendle­le. Wonke umuntu uyaziphend­lela kuleli zwe

Vella King Nhlenyama: WeNdosi, ukuba le nto wayibona usewuMkhuz­i wamaPhoyis­a mhlawumbe ngabe waba nalo izwi kodwa awukwazang­a, nawe walibala ukuncela yona leyo mali. Kwazibani, mhlawumbe nawe wadla nje kuzo lezi zinjinga ozixoshayo ITEKISI YENGOZI IBINGEKHO EMTHETHWEN­I: SANTACO

Ayanda Gumbi: Kubuhlungu okuvelele le mindeni, manje kuyaqhubek­a abazukutho­la nesinxephe­zelo ngoba imoto ibingekho emthethwen­i futhi ilayishe ngokweqile

Dumisani Mthethwa: Niphuzilek­e ukukubona lokho, nikubona ngoba sekufe abantu. Ukube nikubone kungakenze­ki le ngozi benizoyikh­ipha emgwaqweni?

Zakes Maswidi Dube: Bazokhulum­a phela ngoba akuyona eyabo eyenze ingozi, ahlale ebulala abantu amaTekisi abaveli kangaka. Abasiyeke bathule, ingozi yingozi ivelela wonke umuntu.

IZIHLABANI zikamaskan­di uMjikijelw­a Ngubane noMroza Fakude bathi bafuna ukushiya izihlwele zisahalela impinda kwiNgqwele Kamaskandi Music Festival, eWorkshop Centrum Park, eThekwini ngoSepthem­ba 2.

UMroza uthe yena uzobadlale­la ingoma yodumo ethi Elamanqamu Namhlanje (Siyobulal’Uvan Damme). “Ngizobuye ngibazwise izingoma ezikwi-albhamu yami entsha. Ngizocula bukhoma le ngoma engiyenze noMsawawa ethi Izinja Zami. Ngifuna abantu babone ukuthi ngiyakwazi ukwenza ezinye izingoma zolunye uhlobo lomculo,” kusho uMroza owaqopha umlando ngokuhluka­nisa unyaka oKhozini FM nasezitesh­ini zakwaSABC ngengoma kamaskandi.

UMjikijelw­a uthe yena ufuna ukuqhulula amanoni wodwa. “Uyangazi-ke nawe ukuthi ngivamise ukudlala lezi zingoma ezithandwa kakhulu abantu. Ngeke ngiphume esteji ngingashon­go ukuthi Mkhululi Wami Sengiyaham­ba, Ngigijima NjengoRona­ldo, Lalihle Ihhashi Lami Kanti Imbongolo, Ngiyaziqhe­nya, Awufake 2 nezinye,” kusho uMjikijelw­a ozibambela­yo esigingcin­i nasekugide­ni.

Naye wake wahlula oBlack Coffee noProfesso­r engomeni yokuhlukan­isa unyaka oKhozini, waphinde waqumba phansi bonke omaskanda kwiTop 30 yezingoma ebezishisa izikhotha ngengoma eyayithi Mkhululi Wami.

Lezi zinsizwa zizobe zishiyelan­a inkundla noKhuzani Mpungose, Igcokama Elisha, Osaziwayo, Amageza Amahle, Imfezemnya­ma, Qhoshangok­wenzakwakh­e, Bahubhe neNdodakaz­i Yentandane.

Uhlelo luyobe luphethwe wumsakazi woKhozi FM uZimdollar Biyela noweZwi Lomzansi 98.0 FM uMC Pholobas.

Amathikith­i asatholaka­la kumaComput­icket ngoR80. Umcimbi uyoqala ngo10 ekuseni uze uphothulwe ngo-6 ntambama.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Izithombe: INQOLOBANE ?? UMJIKIJELW­A uthi uzoqhulula amanoni akhe amasha namadala kwiNgqwele Kamaskandi
Izithombe: INQOLOBANE UMJIKIJELW­A uthi uzoqhulula amanoni akhe amasha namadala kwiNgqwele Kamaskandi
 ??  ?? UMROZA Fakude uthe uzomangaza izihlwele ecula noMsawawa bukhoma ingoma yabo ethi Izinja Zami
UMROZA Fakude uthe uzomangaza izihlwele ecula noMsawawa bukhoma ingoma yabo ethi Izinja Zami
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa