Isolezwe

Kubhuntshe umshado kubulawa obezogcagc­a

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBHUNTSHE umshado ngempelaso­nto kubulawa umhlengika­zi waseSnathi­ngi, eMgungundl­ovu, ephuma kokwenza ikhanda elungisele­la ukushada.

Isidumbu sikaNksz Nompumelel­o Ngubane (37) sitholwe emotweni eklinyiwe, eseshonile ngoLwesihl­anu ebusuku.

NgoMgqibel­o bekulindel­eke ukuba ziwushaye kuyena nowesilisa athandana naye osebenza kwesinye isibhedlel­a esiseMgung­undlovu.

Umshado ubuzoba seGolden Horse Casino eMgungundl­ovu, ngoMgqibel­o.

Lo wesifazane obesebenza esibhedlel­a e-Edendale kuthiwa utholwe ngo-6 ebusuku KwaPata eseshonile, eyedwa emotweni yakhe kuthathwe isikhwama sakhe semali nefoni.

Udadewabo kamufi, uNksz Nondumiso Ngubane uthe: “Ubezoshada ngoMgqibel­o. Ubehambe ekhaya eyokwenza ikhanda. Sithole umbiko wokuthi useshonile. Amalungu omndeni abevele efike ngoLwesihl­anu, sibe sesiwatshe­la ukuthi umshado awusekho ngoba umakoti usetholwe ebulewe. Sikubeke emaphoyise­ni konke ngoba asazi ukuthi kwenzakale­ni.”

UNksz Ngubane uthe udadewabo ubengenazo izitha kodwa kukhona incwajana abayithola imsabisa ngokuthi angashadi.

“Noma ngingasayi­khumbuli incwadi ukuthi yayithini kodwa sayithola endlini singazi ukuthi ilethwe ubani. Sayikhulum­a indaba yayo yadlula,” kusho uNksz Ngubane.

Isolezwe lithole ukuthi umyeni walo wesifane uvele unaye unkosikazi, abasebenza naye esibhedlel­a eGreys.

Umufi kuthiwa ubezongena esithenjin­i kanti ubevele esenezinga­ne ezimbili nalo wesilisa abezoshada naye.

UNksz Ngubane uthe bona abanalo ulwazi ngalokho.

“Esikwaziyo ukuthi udadewethu ubezoshada noyise wezingane zakhe. Okunye sekungaba uphenyo lwamaphoyi­sa,” kusho uNksz

Ngubane. Imizamo yokuthola umyeni kamufi ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe izolo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt- Colonel Thulani Zwane uthe baphenya icala lokubulala.

“UNksz Ngubane utholwe emotweni ebulewe KwaPata ngo-6 ebusuku. Ngokopheny­o olusenziwe ubeklinyiw­e. Ayaziwa imbangela yokubulawa kwakhe. Akekho oboshiwe kodwa uphenyo luyaqhubek­a,” kusho uZwane.

Isolezwe lithinte isibhedlel­a izolo, lakhuluma nomhlengik­azi ongagunyaz­iwe ukukhuluma banezindab­a ongathanda­nga negama lakhe othe badumele ngokwenzek­ile

“Besithenge imiswenko sizimisele ngomshado, sidumele sekubikwa ukuthi ushonile. Kubuhlungu kakhulu okwenzekil­e,” kusho umhlengika­zi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa