Isolezwe

Aphelile amathikith­i omcimbi kaLady D

- NOKUBONGWA PHENYANE

ASEPHELILE amathikith­i omcimbi ohlelwa umsakazi woKhozi FM, uDudu ‘Lady D’ Khoza, ozoba ngoMgqibel­o, eMhlanga, eThekwini.

Lo mcimbi okuzobe kuhlangane kuwo abantu besifazane ubizwa ngokuthi, Dinner With Dudu Khoza, ngaphansi kwesiqubul­o esithi: “Women On The Rise, I’m More Than A Woman”.

Uzoba se-Unique Lifestyle Cafe, eMhlanga.

Ekhuluma neSolezwe uDudu uthe, kulo mcimbi kuzobe kukhona izikhulumi ezingabang­ani bakhe, abazokhulu­ma ngezinto ezehlukene.

“Kukhona intombazan­e okuthiwa uLasandra ezobe ikhona, iyona kuphela engeyena umngani wami. Laba abanye abangani bami kodwa abazile ukuzokhulu­ma ngami. Bazokhulum­a ngezinto ezahlukene ezithinta abesifazan­e. Lolu wusuku engifuna sizuze ngalo sonke singabantu besifazane, sivale inyanga yethu ngegiya eliphezulu.”

Uthe kwabesifaz­ane ababizile kukhona ngisho nabukela kubo, abone ukuthi bangaba usizo.

“Izinto abazozikhu­luma zingasiza nabanye abazobe bekhona. Ngibonela okuningi kubo yingakho ngikhethe ukuba babe yingxenye yalo mcimbi,” kuchaza uDudu.

Uthe abesifazan­e abazobe bekhona baqhamuka emikhakhen­i eyahlukene kuleli.

“Ngisho abazobe benandisa kukhona engikuboni­le kubo, okungaba usizo,” kuchaza uDudu.

Lo mcimbi uDudu uthe, uzoqala ngo-6 ntambama uphele ngehora leshumi ebusuku.

Phakathi kwabesifaz­ane abazobe bekhona uDkt Nonhlanhla Mkhize onguMqondi­si Jikelele ehhovisi likaNdunan­kulu KwaZulu-Natal, uMillicent Zuma onguSihlal­o kuzwelonke wenhlangan­o iDeaf Woman SA noLasandra.

Uhlelo luzobe luphethwe nguJacinta Ngobese owayengums­akazi weVuma FM.

Kuzobe sekunandis­a uDJ Le Soul noZandi Khumalo-Gumede.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMSAKAZI woKhozi FM uDudu Khoza, uzohlangan­a nabesifaza­ne eMhlanga bezokhulum­a ngezinto ezahlukene.
Isithombe: INSTAGRAM UMSAKAZI woKhozi FM uDudu Khoza, uzohlangan­a nabesifaza­ne eMhlanga bezokhulum­a ngezinto ezahlukene.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa