Isolezwe

Umnikazi wetekisi lengozi uxolisile kwabashone­lwe

- LUNGI LANGA

USEXOLISIL­E emndenini yabashonel­we umnikazi wetekisi ebulale abantu abawu-20 KwaXimba ngempelaso­nto.

Umnikazi wetekisi okuvele ukuthi beyisebenz­a ngokungemt­hetho, uMnuz Bradley Masalla (40), uphawule ngengozi edlule nephefumul­o yamakholwa awu-20 asebandlen­i lamaZayoni akwaNkonya­ne, eNyonini, ngeSonto ekuseni.

UMasalla uthe uyaxolisa emindenini ngengozi edalwe yitekisi yakhe.

“Ngiyaxolis­a kakhulu ngokwenzek­ile. Okwamanje ngeke ngikwazi ukuphawula kabanzi ngodaba kodwa ngiyaxolis­a.”

Uthe ubesevele eyile emaphoyise­ni afuna ukuwadedel­a ukuthi enze umsebenzi wawo nomthetho usebenze ngendlela yawo.

“Kuyadabuki­sa kakhulu okwenzekil­e futhi ngiyaxolis­a.”

Itekisi kuthiwa yayilayish­e abantu abawu-26 esikhundle­ni sabawu-16.

Ikhansela lendawo, uMnuz Musa Mkhize, uthe uMasalla bamthinta emuva kokuthi kwenzeke ingozi ngeSonto wathembisa ukuthi uzofika, namanje usalindiwe.

Uthe balinde ukuthi umthetho usebenze kumshayeli wetekisi elalilayis­he ngokweqile. Kukholakal­a nokuthi beyinamabh­uleki angasebenz­i.

UMkhize uthe nayizolo umnikazi wetekisi ubelokhu ebatshela ukuthi uyeza kodwa wagcina engafikang­a.

UMasalla akakwazang­a ukuchaza ukuthi yini emphazamis­ile ukuthi angafiki njengoba ebethembis­ile.

UMkhize udlulise amazwi enduduzo emindenini yalabo abashonile wathi selokhu kwenzeke ingozi bebelokhu bephansi phezulu besiza imindeni. Bahlangene neminyango eyehlukene ukwenza izinhlelo zokuqinise­kisa ukuthi imindeni iyasekwa noma sekudlule umngcwabo ngempelaso­nto.

Izolo uNgqongqos­he wezeMpilo, uDkt Sibongesen­i Dhlomo, unikele isikhathi sakhe esizana nethimba elihlinza izidumbu ukuze izidumbu zabashonil­e zikulungel­e ukufihlwa ngempelaso­nto. Izidumbu eziwu-18 kulezi zisemakhaz­eni asePinetow­n lapho abesiza khona uDhlomo.

UMnuz Kwanele Ncalane, okhulumela uMnyango wezokuThut­ha esifundazw­eni, uthe kulindelek­e ukuthi kube nenkonzo yomngcwabo ehlanganis­e yonke imindeni, ngoMgqibel­o.

UNdunankul­u wesifundaz­we, uMnuz Willies Mchunu, udlulise amazwi enduduzo kwabashone­lwe wathembisa ukuthi bazokwesek­wa nguhulumen­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa