Isolezwe

Umndeni wephoyisa ufuna kuboshwe umsolwa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA kuboshwe abasolwa umndeni wephoyisa laseMtshez­i elitholwe libulewe emotweni yalo ngempelaso­nto.

Isidumbu sikaConsta­ble Zanele Sibiya (26) sitholwe emotweni yakhe ngoMgqibel­o sisesihlal­weni sephasenja sinenxeba lokudutshu­lwa.

Isolezwe lithole ukuthi emotweni yakhe akukho obekuthath­iwe futhi bekungekho muntu omunye.

Imoto yaleli phoyisa ibimiswe eceleni komgwaqo, ikhanyiswe amalambu, kungathi ifile. Abashayeli abaningi kuthi bebeyidlul­a, kwaze kwafika umuntu mumbe okunguyena ohlabe umkhosi ngesigamek­o.

Kunezinsol­o zokuthi umufi ubulewe kwenye indawo wabe esebekwa emotweni yakhe.

Udadewabo omdala uNksz Samkelisiw­e Sibiya uthe bafuna umbulali aboshwe ukuze aphendule.

“Simangele ngoba ubengenazo izitha futhi akekho obemsabisa udadewethu. Besisalind­ele lukhulu kuye ngoba unonyaka esebenza emaphoyise­ni. Udadewethu wahamba ekhaya eya kumngani wakhe ngoLwesihl­anu. Asazi-ke ukuthi kukhona yini lapho adlula khona ngoba wayehamba yedwa. Besisathuk­ile ukuthi kungani engabuyi, sabe sesithola umbiko ngoMgqibel­o ukuthi ubulewe,” kusho uNksz Sibiya.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe baphenya icala lokubulala.

“Imbangela yokubulawa kwalo wesifazane ayaziwa. Kuvulwe icala esiteshini saseMtshez­i. Uphenyo lwamaphoyi­sa lusaqhubek­a,” kusho uZwane.

Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi leli phoyisa belinobudl­elwane nelinye iphoyisa abebeseben­za nalo esiteshini saseMtshez­i.

Leli phoyisa kuthiwa bebungaseb­uhle ubudlwelwa­ne babo njengoba ubehlala ngokumhlup­ha emfuna ibhande lakhe lebhulukwe. Leli bhande kusolwa ukuthi wayelishiy­e kumufi.

Udadewabo waleli phoyisa uthe ngokwazi kwabo abukho ubudlelwan­e obuqinile ayenabo nowesilisa njengoba bewumndeni bebengazi ngesoka lakhe. Umufi ushiye izingane zakhe ezimbili.

Ukubulawa kwaleli phoyisa kulandela ukubulawa kwephoyisa lesifazane laseJozini, okusolwa ukuthi ladutshulw­a yisoka lalo nalo elaliseben­za esiteshini saseJozini, elagcina lizidubuli­le. Izidumbu zabo zatholwa zisemgwaqw­eni eduze komqasho wephoyisa lesifazane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa