Isolezwe

Bashaqekil­e ngogwazwe kaningi elele nezingane

- LUNGI LANGA

USASHAQEKI­LE umndeni wowesifaza­ne waseNanda okuthiwa ubhokodwe ngommese amanxeba amahlanu endlini enezingane zakhe.

UNksz Nelisiwe Bhengu (28) kuthiwa ubulawe ngeSonto ekuseni.

Kusolakala ukuthi uNksz Bhengu ungenelwe umuntu endlini wabulawa elele nezingane zakhe ezimbili, eneminyaka emithathu neneminyak­a emihlanu.

Udadewabo omdala, uNkk Nana Magubane uthe uthole ucingo ngezikhath­i zasekuseni ngeSonto lumbikela ukuthi udadewabo akasekho emhlabeni.

“Ngiphuthum­e endlini abehlala kuyo nezingane zakhe nobaba wazo ngamfica elele phansi enamanxeba amaningi okugwazwa. Ubevuvukel­e emzimbeni kubukeka sengathi wophele ngaphakath­i. Namanje kusenzima ukwamukela okwenzekil­e,” kusho uNkk Magubane.

UNksz Bhengu kuthiwa ubenamanxe­ba okugwazwa emqaleni, esifubeni, nasesiswin­i.

Endlini yakhe kuthathwe ithelevish­ini, i-amplifier, isikhwama semali sikayise wezingane zakhe, neselula.

UNkk Magubane uthe uyise wezingane zikadadewa­bo wayengekho endlini ngesikhath­i kwenzeka isigameko wayehleli nesinye isihlobo sabo. Ubuyele endlini ngoba ebona kubhakuza ikhethini, ezitshela ukuthi izingane zidlala ngalo ngoba bezivame ukuhlala kuze kube sebusuku kakhulu zibuka ithelevish­ini. Uthe wafica ukuthi sekukhishw­e i-sliding door wabe esebona ukuthi ithelevish­ini ayisekho, wabona uNksz Bhengu elele phansi kunegazi.

UNkk Magubane uthe bakhathaze­kile ngezingane ngoba yizona ezabona unina ekulesi simo kuqala, yize zazilele ngesikhath­i kwenzeka isigameko.

Uthe okunye okubakhath­azayo wukuthi kukhona umlisa osolwa amalungu omphakathi asabisa ngokugcina ezibambela umsolwa.

“Sifisa sengathi umthetho ungenza umsebenzi wawo, aboshwe othinteka ekufeni kwakhe. Asifisi ukuthi umphakathi ugcine wenza okumele kwenziwe abomthetho,” kusho uNkk Magubane.

Uthe uzitshele ukuthi akafuni nokumazi okuthiwa usolwa wumphakath­i ngoba ethi akafuni ukuphazami­seka emoyeni.

Ukhale ngokuthi abazi nokuthi bazokwenze­njani ukusiza izingane eziphazami­sekile ngenxa yokubona unina elele edamini legazi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala nokuphanga kodwa akukaboshw­a muntu.

Uthe uNksz Bhengu ubenamaxeb­a okugwazwa amabili emqaleni, amabili esiswini, nelilodwa emhlane.

Unxuse abantu abangaba nolwazi ngabasolwa ukuthi bathinte amaphoyisa ku-08600 10111.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Nelisiwe Bhengu obulawe ngokubhoko­dwa ngommese elele nezingane zakhe endlini.
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Nelisiwe Bhengu obulawe ngokubhoko­dwa ngommese elele nezingane zakhe endlini.
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa