Isolezwe

ISilo sikhwele sadilika kubaqhafi bothisha

- MLUNGISI GUMEDE

ISILO samabandla uGoodwill Zwelithini sikhwele sadilika kothisha abangazihl­oniphi abadakwa wutshwala emphakathi­ni sathi behlisa isithunzi soMnyango wezeMfundo.

Sikhuluma ngesikhath­i sihlangene nothishanh­loko abawu- 700 bezikole zezifunda ezimbili eKZN (Majuba neZululand) esiShayamt­hetho esidala oLundi izolo, Isilo sithe kusiphatha kabi ukuthi igama lothisha emphakathi­ni lihlangani­swa nezidakwa.

“Abafuneki othisha abaziwayo emphakathi­ni ukuthi bayadakwa ngoba benza umsebenzi omkhulu wokwakha isizwe. Othisha kumele njalo bahlale bezihlonip­ha ukuze bagcine isithunzi sabo nesomnyang­o,” kusho Isilo.

Noma bangaphuza othisha kodwa akumele baphuze emphakathi­ni.

Siphinde sakhala ngothisha abangenalo ubizo lokufundis­a abaya ngoba nakhu bentula umsebenzi.

“UMnyango wezeMfundo akusiyo indawo yokuquba kulabo abangasebe­nzi, ubuthishel­a kumele benziwe ngabantu abanobizo,” kusho Imbube.

Isilo siphinde sazwakalis­a ukukhathaz­eka mayelana nothishanh­loko abangazi lutho.

Sithe isikole esingenaye umholi sibonakala ngemuphume­la emibi.

Othisha kumele bahlukane nepolitiki yezinyunya­na kodwa banake umsebenzi wabo wesikole.

Sinxuse abazali nomphakath­i ukuthi bangavumel­i izikole ziphendulw­e imihhume yabaphangi.

“Abafundi badakwa wutshwala ezikoleni, badla nezidakami­zwa baze bagxize amathe bese bejahana ngemimese nezibhamu kugcine sekuphazam­iseka ukufunda.”

Sinxuse umphakathi ukuthi uvikele izikole emidlwembe­ni ehlukumeza othisha nabafundi.

“Ngesikhath­i sethu babengekho onogada ezikoleni, onogada kwakungump­hakathi, otsotsi babengadla­leli ezikoleni ngoba babazi ukuthi bazoyisuth­a Durban induku. Washonaphi umphakathi owawazi ukuthi izigebengu zenziwani njengoba ezikoleni zethu sekwaba yikwampunz­edlemini.”

Sithe siyazi ukuthi othisha nabo banawo amaphutha kodwa lokho akusho ukuthi kumele bahlukunye­zwa.

Sinxuse othisha ukuthi baqale ukutshala imbewu kubafundi emazingeni aphansi ukuze balindele imiphumela emihle kwa-matric.

“Awukwazi ukulindela ukuthi uzoqhamuka usuvuna ube ungazange utshale, kubaluleki­le ukuthi abafundi baqalwe emazingeni aphansi.” Durban

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa