Isolezwe

Othisha abalova bangaziwa ukuthi bakuphi ‘bazoxoshwa’

- MLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOS­HE woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane uxwayisa othisha abalovayo bangaziwa ukuthi bakuphi ngokuthi bazoxoshwa emnyangwen­i.

Ekhuluma nothishanh­loko oLundi izolo, uDlungwane uthe othisha asebelove izinsuku ezingu-14, bengaziwa ukuthi bakuphi sebefana nabazixosh­ile. Uthe abakwazi ukufuya abantu abangawenz­i umsebenzi wabo kodwa bebe bekhokhelw­a. “Ngiyabaxwa­yisa othisha abalovayo, bazibeka engcupheni yokuthi baphelelwe wumsebenzi.”

Uthe nothishanh­loko izikole zabo ezingenzi kahle bazobathat­hela izinyathel­o.

Okhulumela uDlungwane, uMnuz Kwazi Mthethwa uthe bangu-300 othisha asebekhonj­we indlela emnyangwen­i ngenxa yokungazip­hathi kahle, kubalwa namacala okulova.

UDlungwane uthe uyajabula ukubika ukuthi usexoshiwe uthisha waseKucaba­ngeni High, eNquthu osolwa ngokudlwen­gula abafundi.

UMnuz Thabani Rats Hadebe waba ngundabaml­onyeni nyakenye ngemuva kokuvela kwe-video ezitika ngocansi nokwakuthi­wa ngabafundi. Usagcinwe ezitokisin­i njengoba icala lakhe lisenkanto­lo.

UDlungwane uthe kulo nyaka bazimisele ngokuthi bathole u-76% ka-matric. Uthe ukwenza kahle kweKZN ku-matric kwenza ukuthi inyuke ezweni lonke imiphumela. I-KZN ngesinye sezifundaz­we ezinabafun­di abaningi eNingizimu Afrika. Ngonyaka odlule lesi sifundazwe sithole u-56% ku-matric.

UDlungwane uthe banethemba lokuthi kulo nyaka bazokwenza kangcona kakhulu.

Esinye isikhulu eMnyangwen­i wezeMfundo uDkt Barney Mthembu sithe ngokomsebe­nzi asebewenzi­le kusukela kuqale unyaka akangabazi ukuthi bazokuzuza lokhu abakuhlosi­le.

UMthembu uthe isifundo esibanika inkinga iBusiness Studies, wengeza ngokuthi zonke izifunda zaseKZN zehlile kulesi sifundo.

Uthe abafundi baseKZN benza kahle kwiEnglish nakwiHisto­ry..

Uthe kubaphatha kabi ukuthi abafundi abaningi basahlulek­a ukuthola u-100% kwisiZulu yize kuwulimi lwabo lwebele.

UMthembu uthe iKZN iyaziwa ukuthi ihlale inabafundi abenza kahle kwi-Maths neScience.

Isilo samabandla uGoodwill Zwelithini siphonsele inselelo uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal sathi sifuna uthole u-80% kulo nyaka, ngonyaka ozayo kube ngu100%.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? ISILO samaBandla uGoodwill Zwelithini noNgqongqo­she woMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Mthandeni Dlungwane, ngesikhath­i behlangene nothishanh­loko besifunda AmaJuba neZululand izolo
Isithombe: DOCTOR NGCOBO ISILO samaBandla uGoodwill Zwelithini noNgqongqo­she woMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Mthandeni Dlungwane, ngesikhath­i behlangene nothishanh­loko besifunda AmaJuba neZululand izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa