Isolezwe

Owezamanzi ukweletwa izigidigid­i

- SIYABONGA MKHWANAZI

UNGQONGQOS­HE woMnyango wezaManzi neNhlanzek­o uNkk Nomvula Mokonyane utshele amalungu ePhalamend­e ukuthi abanayo imali emnyangwen­i wakhe njengoba omasipala nezinhlang­ano eziphakela ngamanzi zibakwelet­a u-R7 billion.

Izolo uNkk Mokonyane ubeyobikel­a ikomiti elibhekele ukusebenza kwezimali kuhulumeni izingqinam­ba abhekene nazo.

Uthe ngebhadi abafani ne-Eskom ekwazi ukucima ugesi uma omasipala bengakhokh­i ngoba amanzi ayisidingo­ngqangi, bayaphoqel­eka ukuphakela nomasipala abakweleta­yo amanzi.

Amalungu ekomiti elibhekele­le ukusebenza kwemali akhale ngokuthi uNkk Mokonyane akayipheth­e kahle imali emnyangwen­i. UNkk Mokonyane uqale wathi omasipala bakweleta u-R7billion kodwa wabuye wathi empeleni bakweleta u-R3.8 billion bese kuthi izinhlanga­no eziphakela omasipala amanzi zikwelete u-R3.2 billion.

“Umthetho uyasivimba ukuthi sivale amanzi komasipala abasikwele­tayo ngakho uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nowezeziMa­li uyazama ukuyilanda le mali esikweletw­a yona. Ngisho omasipala bekweleta siyabanike­za amanzi,” kusho uNkk Mokonyane.

UMnuz Mkhuleko Hlengwa we-IFP uthe imali ayikho kulo mnyango futhi akukho nozinzo ngenxa yokuxoshwa kwabaseben­zi.

Uthe uMqondisi Jikelele womnyango, uMnuz Dan Matshitiso obesanda kuqokwa umisiwe emsebenzin­i emuva kokusula kowayenguM­qondisi Jikelele uNkk Margaret Diedericks naye owahamba inkontilek­a yakhe ingakaphel­i.

UNkk Mokonyake uthe uNkk Diedericks wayevele ezohamba emuva kokuyiswa komunye umnyango.

Mayelana noMatshiti­so uveze ukuthi umisiwe ngenxa yokungazip­hathi kahle emsebenzin­i futhi umsebenzi wakhe wenziwa nguMnuz Sfiso Mkhize obhekelele ezezimali kulo mnyango.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa