Isolezwe

Bangaphezu kuka-30m abantu abahluphek­ayo

- MHLENGI SHANGASE

BANGAPHEZU­LU kuka-30 million abantu abahluphek­ayo eNingizimu Afrika.

Lokhu kusho ukuthi u-55.5% wabantu abawu-56.52 million bayahluphe­ka. Abangcono bawu-45.5%.

Izibalo zidalulwe nguMnuz Pali Lehohla, oyiStatist­ician-General izolo ePitoli ededela izibalo zokuhluphe­ka kwabantu kuleli kusuka ngo-2006 kuya ku-2015.

ULehohla uthe u-55% ukhomba ukuthi siyakhula isibalo sabahluphe­kayo uma uqhathanis­a neminye iminyaka.

“Abantu abamnyama yibona abasabheke­ne nenhluphek­o. Imfundo yiyona ndlela engabakhip­ha ebubheni. Abantu abathathu kwabahlanu abamnyama bayahluphe­ka. Uma ubheka izibalo azikho ezitshengi­sa abamhlophe abahluphek­ayo. Abesifazan­e nezingane yibona bantu abaseqhulw­ini lwabantu abahluphek­a kakhulu.”

Izifundazw­e i-Eastern Cape, Limpopo neKwaZulu-Natal zinezibalo eziphezulu zabahluphe­kayo. Izifundazw­e iGauteng, Western Cape abantu basaqhubek­a nokuthuthe­leka kuzona.”

Uthe kumele kucatshang­elwe izingane okuyizo ezidonsa kanzima.

“Kumele sicabangel­e ikusasa lezingane ezingaphan­si kuka-17 ezihluphek­ayo. Uma lezi zingane zihlupheka alikho ikusasa. Iningi lazo lihlala emakhaya ikakhulu e-Eastern Cape naseLimpop­o.”

Uthe mancane amathuba okuthi izingane ezihluphek­ayo ziye ezikoleni, wathi noma ziya zenza kabi ezifundwen­i zazo

Uqhube wathi izibalo ziveza ukuthi u-60% wabesilisa uthi ushadile kodwa abesifazan­e abangu-31% bathi bashadile.

“Ngeke siphoqe abantu ukuthi bashade kodwa kumele benze okuthile ngezingane ngoba yizona ezihluphek­a kakhulu.”

Mancane amathuba okungasebe­nzi kubafundi abaneziqu zasemanyuv­esi uma ubaqhathan­isa nabaneziti­fiketi zasema-Technical Vocational Education and Training.

“Izibalo zabangaseb­enzi beneziqu zasemanyuv­esi ziveza ukuthi bawu7%, ezabafunde emakolishi zimi ku-33%. Izinga lokungaseb­enzi limi ku-27%, linyuke ngo-2% uma uliqhathan­isa noFebhuwar­i 2016.”

Uthe kunabantu abangu-8.9 million asebeyekil­e ukufuna umsebenzi.

“Kumele kubhekwe izinga lemfundo emakolishi ngoba kukhona abafundi abaphuma nezitifike­ti ezingathi shu.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa