Isolezwe

Kungase kuvalwe inqwaba yezinkampa­ni

- BONISWA MOHALE

KUNGASE kuvalwe izinkampan­i ezingu-60 ezisebenze­la esikhungwe­ni esithuthuk­isa osomabhizi­nisi abancane esiseduze kwaseNanda Rank, eThekwini, iSmall Enterprise Developmen­t Agency (Seda) njengoba le nhlangano iveze ukuthi ayisenayo imali.

Umphathi wale nhlangano, uMnuz Protas Madlala, uthe ngoJuni uphoqeleke ukuthi asebenzise u-R350 000 ophuma ephakethen­i lakhe ukuze lesi sikhungo singavalwa. Uthe emasontwen­i amabili edlule uphoqeleke ukusebenzi­sa u-R60 000 ukuze akhokhele izindleko zikagesi obuvalwe nguMasipal­a weTheku.

“Angisazi ukuthi ngingqongq­oze kumiphi iminyango ukuze iSeda ithole uxhaso ngoba ngiyile ehhovisi likandunan­kulu, elokuthuth­ukiswa komnotho, ngaya kwaMasipal­a weTheku ngaphinde ngabhalela noNgqongqo­she wamaBhizin­isi amancane uNkk Lindiwe Zulu kodwa bonke bathi imali abanayo,” kusho uMadlala.

Uthe uselitshel­ile ibhodi lakwaSeda ukuthi uma bengalutho­li uxhaso kule nyanga bazophoqel­eka ukuthi basivale lesi sikhungo. “Uma singalutho­li uxhaso kusho ukuthi amabhizini­s angu-60 asebenzela esikhungwe­ni sethu esiseThekw­ini azovalwa.”UMnuz Linton Mchunu obhekelele ezokuxhuma­na ehhovisi likaNgqong­qoshe wamaBhizin­isi amancane uNkk Lindiwe Zulu, uthe ungqongqos­he uzimisele ukusombulu­la udaba lokungabik­ho kwemali kwaSeda.

UMnuz Ndabezinhl­e Sibiya okhulumela uNdunankul­u waKwaZulu-Natal uthe uNdunankul­u uzibopheze­le ukusebenzi­sana nosomabhiz­inisi futhi uyalazi iqhaza leSeda ekucijeni osomabhizi­nisi abasafufus­a. “Lolu daba sizoluland­ela siyihhovis­i likaNdunan­kulu ikakhuluka­zi iPlanning Commission esebenzisa­na nezinhlaka zosomabhiz­inisi ukuze luxazulule­ke.”

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMasipa­la weTheku naseMnyang­weni wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal ayiphumele­langa njengoba bengayiphe­ndulanga imibuzo abathunyel­elwe yona ngama-email.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa