Ukucokama kwezinga kwiMandela
KULINDELEKE abagijimi abangaphezu kuka-15 000 abazobamba iqhaza emqhudelwaneni wesithupha waminyaka yonke, iMandela Day Marathon ozoba ngempelasonto.
Kulo mqhudelwano ohlelwe wuMkhandlu uMgungundlovu nohulumeni wesifundazwe kubhekeke ukuthi abagijimi bakhuphule izinga.
Izolo, ihhovisi loMnyango wezokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu KwaZulu-Natal, limememezele ngokusemthethweni ukuthi sekuqalile ukubhalisa kwabafuna ukuba yingxenye yomjaho.
UNgqongqoshe womnyango uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe bekubhaliswa enkundleni yezemidlalo, iMoses Mabhida.
“Abagijimi abazobamba iqhaza emabangeni ehlukene emjahweni, bazophinde bathole izinsiza ezizobalekelela uma kudingeka, ezinjengabezimo eziphuthumayo ababhekelele ezokulashwa, ezokuthutha, izindlu zangasese, iziphuzo nokunye,” kusho uNkk Dube-Ncube.
OnguMqondisi walo mjaho uMnuz Johan Van Staden uthe minyaka yonke benza isiqiniseko sokuthi bayalikhuphula izinga lomjaho ukuze uhlale uthokozelwa ngabantu.
“Kulo nyaka sihlose ukulikhuphula ngokwenza lula izindlela zokubhalisa nezinto eziningi zokubaxhasa nabazobe bebuka,” kusho uVan Staden.
Abagqugquzeli bomjaho banxuse abagijimi ukuthi babhalise ngesikhathi. Phakathi kwamabanga azogijinywa u10km, 21 km nomjaho omkhulu ka-42 km. Umjaho uzogijinywa izinsuku ezimbili uMgqibelo neSonto kanti uzokwendlalelwa umjaho wezingane ngoMgqibelo.
IMeya kaMasipala waseMgungundlovu, uNkk Thobekile Maphumulo ithe umjaho usisamamise umnotho wakule ndawo ngoba osomabhizinisi bethola ithuba lokuhlinzeka ababukeli nabagijimi.