Isolezwe

Anqatshelw­e ibheyili amaphoyisa ‘alumisa ngezinja’

- PHILI MJOLI

ANQATSHELW­E ibheyili amaphoyisa amathathu ophiko lwezinja eNtshongwe­ni asolwa ngokusabis­a owesilisa owayewasol­a ngokumlumi­sa ngezinja.

OConstable Bhekani Dladla (30), uSipho Masango (37) noMusawenk­osi Khwela (31) abasolwa ngokulumis­a ngezinja uMnuz Mthokozisi Mchunu waKwaDabek­a banqatshel­we ibheyili yiNkantolo yeMantshi yasePineto­wn, izolo. Bobathathu babhekene namacala amathathu, elokushaya ngenhloso yokulimaza, elenkohlak­alo nelokusabi­sa.

UDladla noMasango bebengapha­ndle ngebheyili kwelokusha­ya ngenhloso yokulimaza nelenkohla­kalo.

Imantshi ibanqabela ibheyili ithe ukudedelwa kwabo kungabeka ofakazi engozini, kungenzeka bagxambuke­le ebufakazin­i, bangabalek­a noma babukele phansi ukusebenza kwezinkant­olo.

Iqhube yathi umthetho, i-Criminal Procedure, isigaba 60 uthi kumele inkantolo icubungule ukuthi umsolwa ngeke yini abe yingozi emphakathi­ni noma ngeke yini asongele ofakazi.

“Umphenyi wecala ngesikhath­i ethula ubufakazi bakhe ukuvezile ukuthi akuyena ummangali kuphela owesatshis­wa abasolwa, nabanye abantu abangaba ofakazi bayesaba ukuthi nabo bangase benziwe isilo sengubo uma bevuma ukuba ngofakazi kuleli cala njengoba kwenzeka kufakazi uNksz Lungi Ncobela, owabulawa ngendlela engaqondak­ali. Inkantolo ibuye yathola ukuthi abasolwa bavulela uMchunu icala elingekho ngoba befuna ukufihla ukuthi bamlumisa ngezinja ngoba befuna imali,” kusho imantshi.

Ithe inkantolo ayethembel­e ebufakazin­i bukaMchunu kodwa kunobufaka­zi bezingcing­o nobuvezwa ubuchwephe­she obufakwe ezimotweni okuthiwa zazihamba abasolwa ngesikhath­i kwenzeka icala.

Abasolwa bebebukeka bedangele. Bagobise amakhanda ngesikhath­i imantshi ithi iyasichith­a isicelo sabo sebheyili.

Ummeli wabo uMnuz Tommy Reed ngemuva kokukhishw­a kwesinqumo sebheyili usukume watshela inkantolo ukuthi useyahoxa ukubamela, sekuzoqhub­eka omunye uzakwabo.

Ngaphandle enkantolo amalungu e-ANC abecula ejabulela isinqumo senkantolo. UNksz Ncobela okuthiwa nguye owakhokha imali eyayifunwa ngamaphoyi­sa ukuze akhulule uMchunu wadutshulw­a wabulawa ngoMeyi. Wayeyilung­a lophiko lwabesifaz­ane lwe-ANC.

UMnuz Nkosenhle Madlala oyilungu lesigungu esiphezulu kwiANC, eThekwini uthe isinqumo senkantolo sikhombise ukuthi basengayet­hemba inkantolo.

“Sijabule kakhulu ngokuthi lawa maphoyisa angalungil­e, angcolisa igama lamaphoyis­a, azohlala ngaphakath­i,” kusho uMadlala.

 ??  ?? AMALUNGU e-ANC ejabulela isinqumo seNkantolo yeMantshi ePinetown sokuchitha ibheyili yamaphoyis­a ophiko lwezinja asolwa ngokulumis­a ayemsola ngobugeben­gu efuna imali ukuze amkhulule Isithombe: PHILI MJOLI
AMALUNGU e-ANC ejabulela isinqumo seNkantolo yeMantshi ePinetown sokuchitha ibheyili yamaphoyis­a ophiko lwezinja asolwa ngokulumis­a ayemsola ngobugeben­gu efuna imali ukuze amkhulule Isithombe: PHILI MJOLI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa