Isolezwe

Uvele enkantolo umsolwa wesine kwelokubul­awa kwabane emndenini

- KHULEKANI MASEKO

UVELE eNkantolo yeMantshi yaseShowe ngoMsombul­uko umsolwa wesine ecaleni lokubulawa kwamalungu omndeni amane akwaNtshan­gase, eMatini ngaseShowe, abulawe ngasekuqal­eni kwale nyanga.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe umsolwa uboshwe ngeSonto.

“Amaphoyisa abophe umsolwa wesine oneminyaka engu-47 okusolakal­a ukuthi uyathintek­a esigamekwe­ni sokubulawa kwamalungu amane omndeni wakwaNtsha­ngase,” kusho uZwane.

Uthe kulindelek­e ukuthi aphinde avele enkantolo maduze.

Ilungu lalo mndeni elingathan­danga ukudalulwa lithe selokhu kwenzeke lesi sigameko, sebehlala ekubhaceni ngenxa yokusaba ukwenzakal­iswa.

“Sisasaba ukubuyela ekhaya, sesihlala ezihlotshe­ni. Impilo ayiselula. Ngempelaso­nto besingcwab­a umzala (uMnuz Nkanyiso Ntshangase) njengoba agcina eshonile ngemva kokulimala kabi kulesi sigameko. Siqede ukungcwaba sabuyela lapho sibhace khona,” kusho ilungu lomndeni.

Lithe umsolwa wesine oboshiwe uyaziwa futhi uyisihlobo sakhona kwaNtshang­ase. Nabanye abathathu ababoshwe ngaphambil­ini kuvela ukuthi bayizihlob­o zalo mndeni.

Ngasekuqal­eni kwenyanga abakwaNtsh­angase babenza umsebenzi wesintu wokubuyisa isihlobo ngesikhath­i kuhlaselwa kushiswa indlu eyayilele amalungu omndeni esilisa amahlanu.

Abathathu bashonele endaweni yesigameko kubalwa nobekulind­eleke ukuthi abe yinkosi yesizwe uMnuz Doda Ntshangase.

UNkanyiso obengcwats­hwa ngempelaso­nto kuthiwa nguye owabiza amagama abasolwa. Omunye owalimala kulesi sigameko usasesibhe­dlela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa