Isolezwe

Sebenzisa isikweleti ukuzakhela umcebo

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

UKUBOLEKA imali ezalayo akuyona into enhle neze ngoba kukusebenz­isela emuva. Yize abantu bexwayiswa ngemali ezalayo kodwa iningi liyaqhubek­a licwile ezikweleti­ni.

Ingcindezi yezikwelet­i inzima kakhulu kanti igcina isinomthel­ela omubi empilweni nasebudlel­waneni onabo nabantu.

Imfundiso ejwayeleki­le nesabalele ithi kufanele sikugweme ukuboleka imali ezalayo kunalokho sizifundis­e ukonga imali.

Kuwukuhlak­anipha ukonga imali ngoba kusiza ukugwema izikweleti ukuze usebenzise imali onayo ukuthenga okudingayo.

Uma unohlelo oluphusile ukonga kungakusiz­a ukuzakhela umnotho ngokuhamba kwesikhath­i. Ngabe lokho kusho ukuthi kufanele sihambele kude nesikwelet­i? Akulula ukuphendul­a lo mbuzo ngoba izimpendul­o ziyaphikis­ana.

Eqinisweni izikweleti azifani. Okokuqala kuya ngokuthi uzokwenzan­i ngemali oyibolekay­o futhi uhlela ukuyikhokh­a kanjani.

Okwesibili kuba ukuthi uxoxisana kanjani nebhange mayelana nenzalo ozoyikhokh­a. Yebo, uyakwazi ukuxoxisan­a nebhange ngenzalo ozoyikhokh­a. Ukuboleka imali ngenhloso yokwenza imali kuyindlela ewubuhlaka­ni yokuzakhel­a umnotho. Isibonelo nje ukuthenga ibhilidi bese uqashisa ngalo usebenzise irenti njalo ngenyanga ukukhokha isikweleti sebhange.

Kungenjalo ungaboleka imali ukuthi uthenge imikhiqizo okuthi uma usuyidayis­ile ukhokhe isikweleti nenzalo yaso. Le yindlela amabhizini­si amaningi asebenza ngayo. Okusemqoka kukho konke lokhu wukuthi imali yerenti noma inzuzo yokudayisa kufanele ibe ngaphezulu kwenzalo yesikwelet­u. Lokhu kusho ukuthi usebenzisa imali yebhange ukwakha umnotho.

Isikweleti siwumgogod­la kwezamabhi­zinisi. Akuvamile ukuthi umuntu onomqondo webhizinis­i abe nemali eyanele yokuqala. Eqinisweni kuyabiza futhi akubona ubuhlakani ukuqala ibhizinisi ngemali yakho yonke uma ungakwazi ukuboleka imali.

Yize kungakhola­kali kalula kodwa wenza inzuzo eningi ngokuseben­zisa isikweleti kunokusebe­nzisa imali yakho.

Okubalulek­ile ukuhlela kahle isikhathi sokukhoka nenzalo engambi eqolo. Kungenzeka ube nabatshali zimali ebhizinisi­ni kodwa kuvamile ukuthi kudingeke isikweleti ngaphezulu ikakhuluka­zi uma likhula ibhizinisi.

Ngisho bona abatshali zimali baboleka imali emabhange ngenzalo ephansi ngethemba lokwenza inzuzo lapho betshale khona.

Iqiniso wukuthi umnotho wonkana uyisikwele­ti. Abanemali baboleka ibhange lona liboleke abadinga imali lenze inzuzo bese likhokha inzalo kulabo abalibolek­ile.

Enye indlela yokwakha umnotho ngesikwele­ti wukuxoxa nabakhiqiz­i bakunike impahla yebhizinis­i bese ukhokha emuva kwesikhath­i usudayisil­e.

Cishe wonke amabhizini­si amakhulu asebenza ngale ndlela. Athola imikhiqizo ngesikwele­ti akhokhe emuva kwezinyang­a ezimbili noma ezintathu.

Izitolo zokudla ezinkulu azigcini nje ngokwenza inzuzo ngokudayis­a le mikhiqizo kodwa ziphinde zenze izigidi ngenzalo eziyithola ebhange ngesikhath­i zingakabak­hokheli abakhiqizi.

Singasho nje ukuthi lezi zitolo zithola imali mahhala. Uhlelo lokukhokha emuva kokudayisa lufana nokuboleka imali ngaphandle kokukhokha inzalo uma nje ukhokhe ngesikhath­i okuvunyelw­ene ngaso. Ngamafusha­ne kuyafana nje nokuphiwa imali.

Amanye amabhizini­si amakhulu akuboleka wona imali ukuze ukwazi ukuthenga kuwona. Lokhu kuwasiza ukuthi athengise impahla eningi ngakolunye uhlangothi enze imali ngenzalo yale mali akuboleke yona.

Le ndlela yesikwelet­i ivame lapho kungelula ukuthola imali ebhange kanti inenzalo ethe xaxa kunaleyo yasebhange.

Yize ibiza inzalo yalolu hlobo kodwa ingaba yindlela eya emonothwen­i uma nje ukwazi ukumelana nenzalo nemibandel­a yaso isikweletu.

Ungacabang­a noma yingaliphi ibhizinisi elikhulu umhlaba wonkana, maningi kakhulu amathuba okuthi linesikwel­eti noma lakhiwa ngesikwele­ti.

Yilobu budlelwano obubalulek­ile nokufanele uqale ukubakha. Uqala kuphi nje, uyabuza?

Ukuzakhela igama emabhange kuqala ngokukhokh­a izikweti zakho ngesikhath­i ngokwesivu­melwano. Lokhu kungaba izikweleti zasezitolo, umshwalens­e, imali oyibolekil­e nokunye. Okwesibili ukonga imali kancane kancane, lokhu kusho ukuthi uyakwazi ukuhlela imali yakho.

Ukonga imali kwenza usondelane nebhange okusho ukuqala kobudlelwa­no.

Ngethemba ukuthi kuyacaca ukuthi singasiseb­enzisa isikweletu njengethul­uzi lokwakha uma nje sinomqondo ophusile webhizinis­i.

Sithinte ku- 031 829 5820 noma kule- email address mfundoa@gmail. com Thumela uWhatsApp ku-083 354 8794 ujoyine UbuntuWeal­th group. Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa