Inzwabethi ngengozi ayidingeki akulindwe incazelo yomshayeli
LELI sonto siliqale kabuhlungu eNingizimu Afrika ikakhulukazi esifundazweni saKwaZulu-Natal njengoba sivuke ngeSonto ngezindaba zokushona kwabantu okushone elangoMsombuluko sebengu-20 engozini yetekisi enyatisa igazi KwaXimba, eCato Ridge.
Laba abashonile bebekhonza ebandleni elilodwa laseZayoni zakwaNkonyane, eNyonini. Bebebheke enkonzweni yesikhumbuzo somunye wabazalwane balo. Okubuhlungu ngale ngozi ukuthi bekungesibo nje abazalwane bebandla elilodwa kuphela kodwa abaningi abebesetekisini bekungabantu bandawonye. Umndeni wakwaNgcamu ushonelwe ngamalungu amane, owakwaNdlovu wahanjelwa ngamathathu.
Izinga lezingozi zomgwaqo lephezulu eNingizimu Afrika kanti kuvamile nokuthi kushone abantu abaningi ngesikhathi esisodwa kuzona. Umshayeli waleli tekisi usesimweni esibucayi esibhedlela okusho ukuthi akakaphawuli ngokuthi kwenzekeni ngaphambi kokwehla kwengozi. Okusho ukuthi konke okukhulunywayo njengamanje ngokungenzeka ukuthi kube yimbangela yengozi noma okwenzekile ngaphambi kokuthi itekisi ligingqike kuzobe kuwukuqagela nje nokungeke kusize muntu njengamanje ikakhulukazi imindeni lena ehanjelwe yizihlobo zayo.
Yebo, imindeni iyayidinga incazelo kodwa amahemuhemu awadingeki futhi kufanele kulindwe ukuthi umshayeli alulame kanjalo nabanye abagibeli abasindile ukuze bezochaza ukuthi kwenzakaleni.
Siyathemba uma uphenyo seluphothuliwe yatholakala imbangela yengozi ukuthi kuzothathwa izinyathelo ezifanele uma kukhona otholakala esephutheni ukuze kugwemeke ukuthi ingozi efana nalena ingaphinde yenzeke.
Siyabonga ukubona indlela le mindeni eyesekwa ngayo ikakhulukazi nguMnyango wezokuThutha esifundazweni futhi asingabazi ukuthi uhulumeni uzozithwala izindleko zokufihla abashonile.
Siyathemba nje ukuthi zonke izikhulumi zikahulumeni ezizoya emngcwabeni zizoyihlonipha imindeni ehanjelwe, zigxile ekuyiduduzeni hhayi ukuphendula umngcwabo inkundla yokukhankasa njengoba kuke kwenzeke.
Sithi duduzekani mindeni ehanjelwe yizihlobo zayo, akwehlanga lungehli.