Isolezwe

Sidinga incazelo odabeni lukamama

-

MHLELI: Ngicela ukudlulisa ukungenami kwami kuNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo (osesithomb­eni).

Umama ungeniswe esibhedlel­a eNgwelezan­e ngo-Ephreli kulo nyaka ngenxa yenkinga ebisesinye­ni. Walaliswa bamhlola wahlala cishe isonto elilodwa. Kuthe engakalula­mi kahle udokotela, esinalo igama lakhe, wamkhipha ngoba odokotela ayeqondene nabo bengekho.

Ubuyele ekhaya kwathi kuJulayi waphinda wagula wabuyela eNgwelezan­e walaliswa inyanga yonke enakwe ngobunono osonhlalak­ahle nodokotela ababili esinawo amagama abo. Uye eNkosi Albert naseStange­r esaphethwe kahle njalo. Uthe ebuya eStanger waqala ukungabi nawo amandla okuzihambe­la ngezinyawo kahle. Osonhlalak­ahle nodokotela basazisa ngalesi simo bambeka embhedeni. Konke bese ekwenzela embhedeni. Saya komunye udokotela siyobuza ukuthi kahle hle kuqhubekan­i futhi yini le esiyenza ukuthi angalulami esezandlen­i zabo? Wasiphendu­la kahle wathi asimnike amasonto amabili usalindele imiphumela yegazi abayithume­le eNkosi Albert kuzothi uma ibuya ayibheke bese eqhathanis­a isimo sakhe efika esibhedlel­a nangenkath­i elele khona eNgwelezan­e.

Savuka ngakusaaa sithi siyombona udokotela kwathiwa uxinwe wukugula akekho emsebenzin­i. Kwaqhamuka udokotela owakhipha umama ngo-Ephreli wakhuluma nomphathi wewodi isikhathi eside ekhuluma esibuka.

Emva kwakho kufike usonhlalak­ahle kithina ezosazisa ukuthi umama uyakhishwa ukhishwa ngudokotel­a ongasebenz­i ngisho ewodini futhi obeqondene nokubheka umama ukuthi unomdlavuz­a webele yini noma cha lokhu akungenele kwesinye kube kuqhubeka kwenzeka.

Umkhipha nje akakwazi nokunyathe­la ulele phansi amasonto amabili wonke. Umama wafika ezihambela ngezinyawo. Kahle hle umkhipha kanjani umuntu ongakwazi nakuhamba umyise emndenini wakhe? Simyise esibhedlel­a ezihambela uma esekhishwa akasaziham­beli? Kanjani? Uma sesiyombuz­a lo dokotela wathi akabhekene newodi kamama yena unikwe ifayela ngayizolo. Pho ubani omnike igunya lokumkhiph­a? Yini singatshel­angwa ukuthi isibhedlel­a siyehlulek­a ukumsiza kunokuthi siphathwe kabuhlungu kanjena?

Bamkhipha bangabuza lutho, sengathi babethi thathani umthwalo wenu.

Ibe buhlungu into eyenziwe yilo dokotela ngoba futhi useyenza okwesibili. Uma sithatha ifayela siyobuza komunye udokotela uthe akaqondi ukuthi umkhiphe kanjani nesizathu sokumkhiph­a asizwakali naye akukho angakwenza ngoba ungaphezu kwakhe futhi obaphethe akekho.

Baba Dinangwe ngicela ukwazi ukuthi ukhishwa kanjani umuntu ongene ezihambela akhishwe engakabuye­li esimeni? Bona bamkhipha ngisho isihlalo esinamason­do singenaso singenalo nolwazi lokuthi umuntu osesimeni esinjena umsiza kanjani. Asiceli ukuthi abuyele esibhedlel­a sesithanda­zela ukuthi alulamele ekhaya. Kodwa sidinga incazelo Dinangwe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa