Anqatshelwe ibheyili amaphoyisa ‘alumisa ngezinja’
ANQATSHELWE ibheyili amaphoyisa amathathu ophiko lwezinja eNtshongweni asolwa ngokusabisa owesilisa owayewasola ngokumlumisa ngezinja.
OConstable Bhekani Dladla (30), uSipho Masango (37) noMusawenkosi Khwela (31) abasolwa ngokulumisa ngezinja uMnuz Mthokozisi Mchunu waKwaDabeka banqatshelwe ibheyili yiNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo. Bobathathu babhekene namacala amathathu, elokushaya ngenhloso yokulimaza, elenkohlakalo nelokusabisa.
UDladla noMasango bebengaphandle ngebheyili kwelokushaya ngenhloso yokulimaza nelenkohlakalo.
Imantshi ibanqabela ibheyili ithe ukudedelwa kwabo kungabeka ofakazi engozini, kungenzeka bagxambukele ebufakazini, bangabaleka noma babukele phansi ukusebenza kwezinkantolo.
Iqhube yathi umthetho, i-Criminal Procedure, isigaba 60 uthi kumele inkantolo icubungule ukuthi umsolwa ngeke yini abe yingozi emphakathini noma ngeke yini asongele ofakazi.
“Umphenyi wecala ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe ukuvezile ukuthi akuyena ummangali kuphela owesatshiswa abasolwa, nabanye abantu abangaba ofakazi bayesaba ukuthi nabo bangase benziwe isilo sengubo uma bevuma ukuba ngofakazi kuleli cala njengoba kwenzeka kufakazi uNksz Lungi Ncobela, owabulawa ngendlela engaqondakali. Inkantolo ibuye yathola ukuthi abasolwa bavulela uMchunu icala elingekho ngoba befuna ukufihla ukuthi bamlumisa ngezinja ngoba befuna imali,” kusho imantshi.
Ithe inkantolo ayethembele ebufakazini bukaMchunu kodwa kunobufakazi bezingcingo nobuvezwa ubuchwepheshe obufakwe ezimotweni okuthiwa zazihamba abasolwa ngesikhathi kwenzeka icala.
Abasolwa bebebukeka bedangele. Bagobise amakhanda ngesikhathi imantshi ithi iyasichitha isicelo sabo sebheyili.
Ummeli wabo uMnuz Tommy Reed ngemuva kokukhishwa kwesinqumo sebheyili usukume watshela inkantolo ukuthi useyahoxa ukubamela, sekuzoqhubeka omunye uzakwabo.
Ngaphandle enkantolo amalungu e-ANC abecula ejabulela isinqumo senkantolo. UNksz Ncobela okuthiwa nguye owakhokha imali eyayifunwa ngamaphoyisa ukuze akhulule uMchunu wadutshulwa wabulawa ngoMeyi. Wayeyilunga lophiko lwabesifazane lwe-ANC.
UMnuz Nkosenhle Madlala oyilungu lesigungu esiphezulu kwiANC, eThekwini uthe isinqumo senkantolo sikhombise ukuthi basengayethemba inkantolo.
“Sijabule kakhulu ngokuthi lawa maphoyisa angalungile, angcolisa igama lamaphoyisa, azohlala ngaphakathi,” kusho uMadlala.