Kuthuthukiswa amakhono abesifazane nentsha ngezinhllelo zakwa-RBIDZ
U-AGASTI yinyanga lapho eNingizimu Afrika kugujwa kuphinde kuqhakanjiswe amagalelo abesifazane ekubeni nesandla ekulweni nokungalingani. Ekuhlonipheni iqhaza elibalulekile eladlalwa yimbokodo ekulweni nobandlululo, iRichards Bay Industrial Development Zone (RBIDZ) iyaqhubeka nezinhlelo ezihlose ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi aphethwe abesifazane nawentsha ayahlomula kule nkululeko ekhona ezweni.
Ngokocwaningo olwenziwe, kuvela ukuthi eKZN abesifazane yibona ababhekene nenhlupheko, abahlala emakhaya nasemadolobheni. Izifunda lapho abesifazane bephila khona ngobubha kubalwa neKing Cetshwayo, okuyilapho iRBIDZ ekhona. Kulo nyaka mali, le nkampani isitshale izigidi ekutheni kuhlomule abaningi emnothweni.
I-RBIDZ inohleloo lokungenelela kwezemfundo nasekuthuthukisweni kwamakhono kwabesifazane ngenhloso yokugqugquzela ukuzimela kwabantu ngokwamabhizinsi. Ngokwenza njalo, le nkampani ihlanganisa osomabhizinisi abancane nezinkampani ezinkulu eziphethwe abesifazane.
Izinkampani ezincane ziyingxenye yohlelo lwentuthuko yokulungiswa kwengqalasizinda yeRBIDZ Phase 1A kanjalo nakuMedway Road naku-Phase 1F.
Ngaphezu kwalokho zingaphezu kuka-20 izinkampani ezincane ezigxile ekwakheni eseziqeqeshiwe zathola namakhono okuphatha umsebenzi, ibhizinisi nemali, ezokuphepha emsebenzini nezempilo nezobuchwepheshe.
Okunye wukuthi iRBIDZ izimisele ukubona kwesekwa iningi lamabhizinisi aphethwe abesifazane nentsha nanokuthi acathuliswe asebemnkantshubomvu ukuze bezodluliselwa ngokushesha ulwazi lwebhizinisi.
Babalelwa ku-75% osomabhizinisi abamnyama okuyintsha babengu-54% abesifazane abamnyama asebeqeqeshiwe. Bangaphezu kuka-60% osomabhizinisi abaqeqeshiwe asebenze umsebenzi beqashwa yiRBIDZ nangokohlelo lweContract Participation Programme (CPG). I- RBIDZ isikhiphe imisebenzi engaphezu kuka-R100 million esinikwe izinkampani ezincane zokwakha zendawo.