Isolezwe

Indodakazi kaSosobala idinwe okuthiwa ukhohlisa abantu ngegama likayise

- KHULEKANI MASEKO

ITHUKUTHEL­E yagana unwabu yakhethelw­a zintulo indodakazi yenyanga eyaduma umhlaba wonke yaseNquthu ngenxa yenyanga esolwa ngokudla izicubu zabantu okuthiwa ilutha abantu isebenzisa igama likayise.

UNksz Makhosi Mbatha, oyindodaka­zi kaDkt Sosobala Mbatha owaba ngumuntu wokuqala omnyama ukuthenga ibhanoyi nowashona eminyakeni ewu-16 edlule, ithe ihlela ukumthathe­la izinyathel­o zomthetho uMnuz Nino Mbatha ozibiza ngenyanga eyindodana kaDkt Mbatha, ovele enkantolo yemantshi eMtshezi ngoMsombul­uko.

UMbatha uboshwe ngemuva kokuzinike­la esiteshini samaphoyis­a akule ndawo ngesonto eledlule ephethe izitho zomzimba womuntu ethi usekhathel­e ukudla abantu.

“Lo muntu uhudulela phansi igama likababa. Akekho umuntu oyindodana kababa IKHASI ELIKHOKHEL­WE okhona engimaziyo. Indodana yakhe okwakunguk­uphela kwayo yashona kudala ubaba esaphila. Naye waze washo etshela abezindaba ukuthi bekungukup­hela kwendodana abenayo,” kusho uNksz Mbatha.

Uthe kuze kube manje akekho osethathe izikhwama zikayise, zisabekiwe.

“Singishaqi­se kakhulu isenzo salesi sigilamkhu­ba ngesikhath­i ngifunda ephephanda­beni ukuthi uzibiza ngendodana kababa. Ubaba wayengaban­qumi abantu kodwa ubesiza umphakathi, elapha. Ngisazoxhu­mana nommeli wami ukuze sibone ukuthi yiziphi izinyanthe­lo zomthetho engingazit­hatha ngoba le nto ayenzayo egameni likababa yimbi futhi ayemukelik­ile. Kumele bonke abantu ake abalutha baphumele obala ukuze ajeze.”

UDkt Mbatha ushone ngoSepthem­ba 2000, ngemuva kwesikhash­ana ebuya emazweni aphesheya ukuyocobel­elana ngolwazi ngezindlel­a zokulapha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa