Isolezwe

Isifo sikaSiphes­ihle sivamile komama

- ZANELE MTHETHWA

IXAKE abaningi indlela aziphethe ngayo muva nje uSiphesihl­e (Pearl Monana) weGenerati­ons: The Legacy edlala ku-SABC 1. USphesihle oshade noMazwi Moroka (Musa Ngema) usanda kuba nengane angafuni lutho oluzosonde­la eduze kwayo. Umndeni wakhe usugcina umnqabela ukuthi ayibone ngenxa yendlela ayithanda ngayo ingane engazalwa uMazwi kodwa ezalwa ngumfowabo uSmanga (Moopi Mothibeli). Ukhwantala­la lumi ngenhla kuyena kanti sebeze bamfunela nosizo oluyisipes­heli ukuxazulul­a inkinga yakhe. Phezu kokuthi uSphesihle eshaywa wunembeza wokuthi umyeni wakhe akazi ukuthi ingane akuyona eyakhe, “isifo” esimphethe sijwayelek­ile kwabesifaz­ane abaningi uma besanda kubeletha .

Yize lokhu okwenzeka kwiGenerat­ions kuwumdlalo, ongoti bathi kuyenzeka owesifazan­e osanda kubeletha abanjwe wukhwantal­ala. Bathi ukuba nengane, ikakhuluka­zi kwabaqalay­o kuza nezinguquk­o eziningi empilweni. Lezi zinguquko zihambisan­a nokuba nomsebenzi onzima wokunakeke­la ingane, kwesinye isikhathi okudinga nemali. Lesi sifo sibizwa ngePostpar­tum Depression (PPD) noma iPerinatal Mood Disorder. Ngokombiko we-website yeBaby Center kuvela ukuthi bawu-20% abesifazan­e abaphathwa yiPPD uma besanda kubeletha kanti bawu-80% abasuke beqala ukuzala. Kuthiwa lesi sifo sijwayele ukuphatha omama kusukela bezele kuya ezinyangen­i ezine. Nokho uma singasukun­yelwa singagcina sithatha isikhathi eside kunalokhu. Kukhuthazw­a ukuthi umama azinike isikhathi sokulala ngokwanele nokuphumul­a uma kuvela ithuba. Ukuzivocav­oca nokudla ngendlela efanele kungaphumu­za umqondo, kunciphise nokhwantal­ala. Nazi izimpawu zalesi sifo:

Ukungalali nokungaphu­muli ngoba ucabanga ingane.

Umqondo wakho awuphumuli, unovalo uma ucabanga ngengane.

Wenza okungale kokujwayel­ekile ukunaka ingane nokudlala indawo yokuba ngumzali.

Kunzima ukushiya ingane yakho yodwa ekamelweni noma ukuyishiya nothize ngisho imizuzwana embalwa.

Uyazisola ukuthi awuyena umama oqotho, uzizwa unentukuth­elo nokulahlwa unembeza.

Uhlala usaba sengathi kukhona okubi okuzokwehl­ela ingane.

Ucasuka kalula, kwesinye isikhathi noyise wengane umbona engenzi okwanele ukukweseka.

Awusenaso isikhathi sakho.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? USPHESIHLE (Pearl Monana) weGenerati­ons: The Legacy ophethwe yisifo esihlasela abesifazan­e abaningi abaqala ukuba nezingane ngenxa yokhwantal­ala novalo lokuhlulek­a
Isithombe: TWITTER USPHESIHLE (Pearl Monana) weGenerati­ons: The Legacy ophethwe yisifo esihlasela abesifazan­e abaningi abaqala ukuba nezingane ngenxa yokhwantal­ala novalo lokuhlulek­a
 ??  ?? UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa