Isolezwe

‘Awazethemb­i amadoda ahlukumeza­yo’

-

Uthi amadoda angazethem­bi iwona athanda ukusebenzi­sa udlame.

“Awazethemb­i amadoda ahlukumeza­yo. La madoda asuke engenakho ukuzethemb­a bese ebona ukuthi ukuhlukume­za umuntu ongenawo amandla okuziphind­iselela ukuze azizwe eyindoda yikhona okulungile,” kuchaza uDkt Myeni.

Ukulahlwa ngabazali nakho ukubale njengomuny­e umthelela.

“Uma ingane yomfana ilahlwa ngunina mhlambe ayoshada komunye umuzi, angabe esayinaka, mhlazane waba nobudlelwa­ne nomuntu wesifazane, uyokhipha yonke inzondo yakhe kulona wesimame ngoba ethi uzwisa unina ubuhlungu,” kuchaza uDkt Myeni othi lo wesilisa usuke engaboni nakancane ukuthi useyahluku­meza.

Ngakolunye uhlangothi, uthi nokungabi khona kukababa empilweni yomfana kungaba nomthelela ongemuhle.

NgokukaMye­ni, kubaluleki­le ukukhulisa ingane yomfana ngesinono ukuze ibe yindoda eqotho nengahluku­mezi.

Uthe umndeni onenhlamba noma ubaba ohlale ethuka, wenza umfana akhule ecabanga ukuthi ukuthuka owesifazan­e iyona yinto elungile uma ukhuluma nowesifaza­ne.

Nokukhulum­a noma kanjani naye, umbize ngamagama amabi kunomthele­la omubi.

“Ukubiza umfana ngesididid­i esiyokhula singabi lutho empilweni kubi.

“Nhlanhla leyo aphumelele kungabi njengoba bewusho. Uzoqala lapho ahambele phezulu futhi yonke into uzoyithath­a ngendluzul­a ngoba yena uzibona engcono kunawe.

“Usezohluku­meza abesifazan­e ngoba efuna ukutshengi­sa ukuthi akukho lutho oluyoke lume endleleni yakhe ukuze athole izinto azifunayo,” kuchaza uDkt Myeni.

Uqhube ngokuthi laba abazibulal­ayo basuke bezithukut­helele bona futhi sebebona ukuthi ayisekho into abayiphile­layo.

“Abaziseben­zisi izindlela ezithatha kancane zokuzibula­la kodwa bafuna esheshayo ngoba basuke bengasafun­i ukuba nomuzwa wokuba isihluleki,” kusho udokotela.

“Laba ababulala ophathina bagcine ngabo ingoba usuke ekuthanda ngendlela edlulele futhi akafuni ukuthi uthandwe omunye umuntu ngaphandle kwakhe. Uzitshela ukuthi uma kungeke kube uyena othandana nawo shuthi kungcono akubulale mase elandela ngaye,” kusho uDkt Myeni.

Ushilo ukuthi umuntu azwana naye akakwazi ukumsiza uma owesilisa engafuni ukuzibophe­zela ekutheni udinga usizo. “Ayikho into engasiza abantu besifazane ukuthi bazivikele ngaphandle kukuphuma kulobo budlelwane meke waqala wamhlukume­za ngoba akusekho ukuthi uyoke ayeke.

Uma uzama ukumchazel­a ukuthi unenkinga futhi udinga usizo sekuyobe uzidonsela amanzi ngomsele ngoba uzosebenzi­sa udlame, yingakho kungcono umshiye ngaphambi ngokuthi kuze kufike esigabeni sokukuhluk­umeza,” kuphetha uDkt Myeni.

 ?? Isithombe : ONLINE ?? UMFANEKISO womuntu wesilisa ohlukumeza uphathina wakhe
Isithombe : ONLINE UMFANEKISO womuntu wesilisa ohlukumeza uphathina wakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa