Iyaqina ekaBrockie yokujoyina iSundowns
SELUNGAHLANGANA noma yinini ucu lomgadli weSuperSport United waseNew Zealand, uJeremy Brockie, neMamelodi Sundowns okubikwa ukuthi ukushiya kukaStuart Baxter kuMatsatsantsa a Pitori waya kwiBafana Bafana kumphazamise ngale ndlela yokuthi usekulungele ukushiya iqembu.
Indlela kaBrockie ibukeka ibheke kwiDowns nje, uStan Mathews oyisikhulu esiphezulu seSuperSport akakajiki enkulumeni yakhe ayenze naleli phephandaba ngenyanga edlule lapho ebegcizelela khona ukuthi lo mgadli waseNew Zealand akayi ndawo futhi alikho inani abangalibeka ukuthi bangamdedela ngalo.
Noma kunjalo kodwa umqeqeshi weSundowns, uPitso “Jingles” Mosimane ulokhu eqhubeke njalo nezinkulumo ezikhombisa izimpawu zokugigiyela. Kulezi zinkulumo uMosimane ukhombisa ukuthi uyazi ukuthi umdlali uyafuna ukuza kwiSundowns osekusele nje ukuthi iSuperSport iphonse ithawula ngokumgcina.
“Akulula ukuthola abadlali abafana noBrockie. Yize kunjalo kodwa ngeke siphele umoya. Umdlali esimfunayo ngisho ngabe yimuphi sizomlandela kuze kube liyavalwa iwindi lokushintshana ngabadlali,” kusho uMosimane.
“IBarcelona yenze konke ukukhombisa ukuthi izimisele ngoCoutinho (Phillipe) weLiverpool kodwa ngeke kube lula ukumthola. Lo mgadli engimfunayo uhlohla amagoli kuphela. Akalokhu ezihlupha ngokuzama ukujika abantu. Kukhona uhlobo lwesibhamu engimfanisa nalo,” usho kanje uMosimane echaza umgadli azomlanda okuchaza ngokusobala ukuthi nguBrockie.
Kuthintwa uThulani Thuswa wezokuxhumana kwiSundowns utshele leli phephandaba ukuthi bafuna ukumsayinisa uBrockie.
“Yebo siyaxoxa neSuperSport ngokuthi sithole uBrockie. Okwamanje ngeke ngikwazi ukuqinisekisa ukuthi kuzovalwa iwindi sesimtholile yini noma cha kodwa yena siyamfuna,” kusho uThuswa.
UMike Makaab weProSport International okuyinkampani ephethe izindaba zikaBrockie ucele ukuthi kuthintwe indodana yakhe uMichael ngoba uphesheya kwezilwandle. UMichael ucele ukuthi kuthintwe u-Alban Newman ongazange alubambe ucingo ngesikhathi ethintwa yileli phephandaba.
Ucingo lukaBrian Moshoeshoe wezokuxhumana kwiSuperSport belukhala kodwa lungabanjwa. Namuhla iSuperSport izobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, eSoweto.