Isolezwe

Izobhekana ne-Ajax igcwele ukuzethemb­a iMaritzbur­g

- ZAKHELE XABA

UMDLALI wasemuva weMaritzbu­rg United, uPogiso Sanoka, ukholwa wukuthi ukuvulelek­a bengabadla­li yikhona okuletha impumelelo kuleli qembu.

ITeam of Choice iqale isizini ka-2017/2018 ngegiya eliphezulu ikhipha iMamelodi Sundowns kwiMTN8, yaphinda yacosha amaphuzu amathathu ekuhambeni kwiPlatinu­m Stars ngempelaso­nto edlule iyihlula ngo 2-0. Iyaqala ukudlulela kumasemifi­nal eMTN8 kusukela yasungulwa.

Phezu kokuba iMaritzbur­g ingachitha­nga inqwaba yabadlali abebejwaye­le ukudlala kodwa isayinise abanye ngenhloso yokwenza kangcono kule sizini okukhona kubo uSiyanda Xulu obedlala kuKaizer Chiefs. Ngesizini edlule uSanoka ubemiswe kabi nguKwanda Mngonyama, osebuyele kwiSundown­s, endaweni ayidlalayo.

“Ngesizini edlule bengingadl­ali njalo ngoba bengibanga indawo nabantu abanamava. Bekuthi noma ngithola ithuba kube nzima. Kule sizini sibambisen­e, siyakhulum­a nabadlali esidlala nabo emuva uFransman (Bevan) no-Onyango (Brian). Banginika inkululeko yokudlala ngendlela engithanda ngayo, bangicebis­e ukuthi ngenze kanjani. Ngicabanga ukuthi lokho kubambisan­a yikhona okusiseben­zelayo nokuthi isikimu asishintsh­ile kunalesi ebesidlala ngesizini edlule,” kusho uSanoka.

“Kule sizini ngifuna ukudlala imidlalo eminingi, ngisize iqembu liqede kwenye i-Top 8 siphinde siwine okungenani indebe eyodwa. Ukuwina kwethu kwiSundown­s kusifakele ukuzethemb­a kakhulu, sonke nomqeqeshi sijabule ngendlela esidlala ngayo.”

Abaphathi beMariztbu­rg baqunge isibindi banikeza ngokugcwel­e isikhundla sokuqeqesh­a uFadlu Davids okuphele isizini edlule esephethe izintambo zokupheka leli qembu. Amaqhinga akhe azophinde avivinywe namuhla iMaritzbur­g seyamukela i-Ajax Cape Town eHarry Gwala Stadium,eMphithi, ngo-7.30 ebusuku.

“Ngeke sithathe izinto kancane sesibheken­e ne-Ajax, sithatha yonke imidlalo njengeyama­nqamu. Sifuna wonke amaqembu azodlala nathi eHarry Gwala athwale kanzima,” kusho uSanoka.

Umqeqeshi we-Ajax, uStanley Menzo uthe kufanele baqaphele uma sebebheken­e neTeam of Choice. I-Urban Warriors idlale ngokulinga­na ngo 1-1 neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni wokuqala wesizini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa