Isolezwe

Sivuma ingcindezi isilomo seChiefs

- MINENHLE MKHIZE

ISILOMO somdlali weKaizer Chiefs, uHendrick Ekstein, sivuma eyengcinde­zi esibhekene nayo njengomdla­li oyisithand­wa sabalandel­i baMakhosi.

U-Ekstein (26) unyuselwe eqenjini elikhulu leChiefs ngesizini edlule. Abalandeli beZimpofan­a bayazifela ngalo mdlali kwazise ukhonze ukulihliki­hla kodwa kuze kube yimanje akakafiki ezingeni ledumela lakhe.

Exoxa neSolezwe ukusho kwagcwala umlomo ukuthi uyayizwa ingcindezi eqhamuka kubalandel­i futhi uzimisele ngokungaba­phoxi.

“Ngiyajabul­a ukuthi abalandeli bayasithan­da isitayela sami sokudlala. Yize ngijabula kodwa lokho akuyona yinto engiyifake ekhanda. Ingcindezi ngeke ngiphike ikhona kodwa indlela yokwehlisa ingcindezi wukuthi ngenze umsebenzi enkundleni.

“Ngizimisel­e ngokuqhube­ka nokusebenz­a kanzima. Angizimise­le ngokuphoxa abalandeli. Ngifuna ukufaka isandla empumelelw­eni yeqembu. Isimo ababhekene naso (abalandeli) ngisiqonda kahle.

“Ngikhule ngeseka iChiefs ngakho ngiyazi ukuthi abalandeli bazwela kanjani. Angibasoli ngokusidin­elwa futhi indlela okumele sixolise ngayo kubona wukuthi siwine imidlalo nezicoco,” kusho u-Ekstein. Umqeqeshi waMakhosi uSteve “Mphathi” Komphela ubhekene nengcindez­i eqenjini. Useqede amasizini amabili engawini lutho kuMakhosi. Kule sizini iChiefs ayikanqobi. Ikhishwe yiSuperSpo­rt United kwiMTN 8 kwathi kusenjalo yabambana neBloemfon­tein Celtic ngo 1-1 eFree State Stadium, ngeSonto.

“Imimoya iphansi njengoba izinto zingahambi kahle kodwa sizimisele ngokuvuka sizithathe. Kumele sibhukule, iChiefs ayifanelwe ukuba lapho ikhona njengamanj­e. Konke kulele kithina ukuthi sivikele umqeqeshi.

“Uma siqhubeka nokungayit­holi imiphumela abalandeli ngeke bayeke ukuhlala umqeqeshi entanyeni. Sibheke ukuthola amaphuzu amathathu ethu okokuqala kule sizini ngoLwesith­athu (namuhla) lapho sizobe sibhekene neSuperSpo­rt. Asibhekile ukukhokha isibhongo nje kuphela kodwa sifuna ukunqoba umdlalo,” kusho u-Ekstein.

Namuhla ngo-7.30 ebusuku iChiefs izobhekana neSuperSpo­rt eFNB Stadium, eSoweto, eGoli, emdlalweni we-Absa Premiershi­p.

“Sizimisele ngokujika izinto. Siyazama ngayo yonke indlela ukushintsh­a izinto. Inhlanhla kulezi zinsuku iyasiphika. Sizoqhubek­a kodwa nokuzama.

“Abalandeli ngicela basibekeze­lele, imiphumela bazoyithol­a maduze. KwiSuperSp­ort wonke umuntu wabona ukuthi sakwenza konke kodwa ibhola lenqaba ukungena enethini,” kusho u-Ekstein.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

Namuhla ngo-7.30 ebusuku: Golden Arrows v Bloemfonte­in Celtic (Princess Magogo Stadium); Cape Town City FC v Platinum Stars (Cape Town Stadium); Maritzburg United v Ajax Cape Town (Harry Gwala Stadium); Free State Stars v Bidvest Wits (Goble Park); Kaizer Chiefs v SuperSport United (FNB Stadium).

 ??  ?? UMDLALI weKaizer Chiefs uHendrick Ekstein uthe ufuna ukuqeda ingcindezi anayo ngokushaya into ecokeme emidlalwen­i ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMDLALI weKaizer Chiefs uHendrick Ekstein uthe ufuna ukuqeda ingcindezi anayo ngokushaya into ecokeme emidlalwen­i ezayo Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa