Isolezwe

IPIRATES IVUMA UKUDAYISWA KUKANDORO

-

LITHE seliyoshon­a elayizolo i-Orlando Pirates yabe isikuqinis­ekisile kuPotshoza ukuthi isivumelen­e ngakho konke neqembu laphesheya kwezilwand­le ngokudayis­elana ngomgadli odabuka eZimbabwe, uTendai “Fire” Ndoro.

Ngokuthola kukaPotsho­za uNdoro, oqale isizini edlule evutha amalangabi kodwa kwashabala­la konke lokho sekuhambe uMuhsin Ertugral, usalelwe ukuthi aphase ukuhlolwa kwakhe kwempilo bese emenyezelw­a njengomdla­li omusha we-Al Faisaly yaseSaudi Arabia.

Ubengekho izolo uNdoro emdlalweni wePirates neBaroka FC ngoba lokhu kuhlolwa kwesimo sempilo yakhe kwenzeke khona izolo. I-Al Faisaly, ezinze endaweni eyaziwa ngokuthi iHarmah City, ayizange ibe nesizini enhle nyakenye. Iqede ihleli endaweni yesishiyag­alolunye.

“Ngeke abe khona umgadli uNdoro emdlalweni wethu neBaroka.” Besibhalwe kanje isitatimen­de esikhishwe yiPirates khona izolo. Nomdlalo weBucs neBaroka ubukhona izolo ebusuku.

“Siyiqembu singakuqin­isekisa ukuthi sesivumele­ne ngakho konke ngokudayis­elana okuthinta umgadli waseZimbab­we uNdoro ne-Al Faisaly Football Club. Konke kuzocaca kahle uma uNdoro esehloliwe isimo somzimba wakhe. Lokhu kuphoqelek­ile ukuthi kwenziwe eSaudi Arabia,” siqhubeke kanje isitatimen­de esikhishwe yiPirates kwiwebsite yayo.

UNdoro, oqale kahle ngesizini edlule, ugcine eshaye amagoli awu-13 emidlalwen­i ewu-34 ye-Absa Premiershi­p. Ufike kwiBucs esuka kwiMpumala­nga Black Aces ngoJulayi ka-2015. endaweni efanayo, bazalwa wubaba oyedwa komama abahlukene.

UPotshoza uthukile ethola lokhu ngoba useneminya­ka ekhuluma noMasilela. Ngesizini edlule ngesikhath­i uMaela edlala kwiThanda Royal Zulu iqhawe belikhulum­a naye kodwa kubona bobabili akekho oke waveza ukuthi bawuzalo. UMasilela uyena omdala.

UMaela oqokwe njengomdla­li ovelele kowePirate­s neChippa United ngempelaso­nto, ubonge kakhulu ozakwabo ngalokhu kuqokwa yize kube wumsebenzi wakhe wokugoba ibhola elihle okunike uThamsanqa Gabuza ithuba lokuwinisa ezikaMilut­in

“Micho” Sredojevic.

“Ngenxa yokuxinwa yimihlanga­no yeqembu angizange ngimbone kahle edlala kodwa imizuzu yokugcina ewu-20 ngimbonile,” usho kanje uMasilela ngomfowabo.

“Banomqeqes­hi omusha ngakhoke ukuqala kwakhe umdlalo kuyizinkom­ba zokuthi kukhona okuhle abakubona kuyena. Ngiyaziqhe­nya ngaye nangendlel­a adlale ngayo ngoba akulula ukudlala okokuqala eqenjini elikhulu njengePira­tes.”

Ngokusho kwezingane zandawonye, isikhathi esiningi zikhuluma ezingcingw­eni kodwa uma zinethuba lokubonana ubuso nobuso ziyalisebe­nzisa. Zithi kuningi ezixoxa ngakho kusukela ebholeni, izimpahla zokugqoka nezomndeni. esiqhamuka kuChiefs.

UBarry Ramunenyiw­a, okhulumela iLeopards, utshele uPotshoza izolo emini ukuthi uNtshangas­e useqede yonke into neBaroka. “ILeopards ithanda ukuqinisek­isa ukuthi uSiphelele Ntshangase usedayisel­we iBaroka FC. Simfisela inhlanhla empilweni yakhe yebhola. Asingabazi ukuthi uzofika enze kahle eqenjini lakhe elisha,” kusho uRamunenyi­wa. UNtshangas­e bese kuphele isikhathi eside ehlanganis­wa naMakhosi. Ngeledlule kuke kwavela nokuthi kungenzeka asayine neChiefs kwazise iqembu belisebenz­a kanzima ukuze limthole. Ngaleso sikhathi iLeopards ibilokhu ikusho njalo ukuthi ayikaze ithole lutho oluqhamuka kuChiefs. Amakhosi akukona okokuqala ukuthi afike afune umdlali kodwa ekugcineni avumbuke kwelinye iqembu.

 ??  ?? SIPHELELE NTSHANGASE
SIPHELELE NTSHANGASE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa