IBucs ayikho kwabafuna oweWits
ISIKHULU seBidvest Wits, uJose Ferriera, sichitha indaba yokuthi i-Orlando Pirates ikhona ohlwini lwamaqembu agaqele umdlali weqembu uJabulani Shongwe.
Leli nxele lifake isicelo sokuthi lidayiswe kwazise lichithe isikhathi esiningi ngesizini edlule lishikisha ibhentshi kwiClever Boys.
Njengamanje uShongwe ujima yedwa futhi akekho ohlwini lwabadlali ababhaliswe yiWits kwiPremier Soccer League (PSL). IPirates ngelinye lamaqembu okuthiwa afuna uShongwe.
UFerriera exoxa naleli phephandaba ukubeke kwacaca ukuthi iPirates ayikaze isho lutho kuyena ngoShongwe.
“Akhona amaqembu afuna uShongwe. Umdlali uzichithile ezinye izicelo. Ezinye zichithwe yithina njengeqembu ngoba umdlali usanenkontileka nathi. Yena uzogcina ehambile kodwa iPirates ayikho emaqenjini amfunayo. Njengamanje angikwazi ukuwasho ngamagama amaqembu afake izicelo kodwa ngingakuqinisekisa futhi ukuthi iPirates ayikaze isho lutho ngoShongwe,” kusho uFerriera.
UShongwe uke wayibamba kwiMamelodi Sundowns phambilini. Leli nxele (27) elidabuka eWitbank, eMpumalanga, lijoyine iWits ngokugcwele ngo-2014. Selike layibamba nakwiBafana Bafana.
IPirates imatasa kuleli windi lokudayiselana ngabadlali. Leli qembu lilande uWayne Sandilands, Musa Nyatama, Thamsanqa “General” Sangweni yase ibuyisa uJustice Chabalala obebolekiswe kwiChippa United ngesizini edlule. UPhakamani Mahlambi weWits usebuyile phesheya kwezilwandle lapho abeyozama khona inhlanhla. “UPhakamani ungumdlali oseqophelweni eliphezulu. Uzoshiya iWits uma eyodlala phesheya kwezilwandle kuphela. Uthole isipiliyoni esihle ePortugal futhi angingabazi ukuthi uzodlala phesheya maduze ngoba unekhono eliyisimanga,” kusho uFerriera.
UMahlambi ubeyozama inhlanhla kwiVitoria de Guimaraes egijima esigabeni esikhulu ePortugal. Njengamanje sekubhekwe ukuthi asize iWits ivikele isicoco seMTN 8 nese-Absa Premiership. “Kule sizini sifuna ukuzinqoba zonke izicoco esizidlalelayo. Njengamanje iWits usezingeni lapho inethuba lokubanga zonke izicoco ezidlalelayo. Leli qembu saqala ukulakha eminyakeni emine eyedlule. Njengoba iwindi lisavuliwe kusangenzeka siqinise iqembu lethu.”
IWits ihlola uCamaldine Abraw ochithwe yiKaizer Chiefs. IWits ivele isisayinise uSteven “Schillo” Pienaar, Kabelo Kodisang, Daylon Claasen noPuleng Tlhone.