Isolezwe

Iyaqina ekaBrockie yokujoyina iSundowns

- MTHOKOZISI MNCUSENI noMINENHLE MKHIZE

SELUNGAHLA­NGANA noma yinini ucu lomgadli weSuperSpo­rt United waseNew Zealand, uJeremy Brockie, neMamelodi Sundowns okubikwa ukuthi ukushiya kukaStuart Baxter kuMatsatsa­ntsa a Pitori waya kwiBafana Bafana kumphazami­se ngale ndlela yokuthi usekulunge­le ukushiya iqembu.

Indlela kaBrockie ibukeka ibheke kwiDowns nje, uStan Mathews oyisikhulu esiphezulu seSuperSpo­rt akakajiki enkulumeni yakhe ayenze naleli phephandab­a ngenyanga edlule lapho ebegcizele­la khona ukuthi lo mgadli waseNew Zealand akayi ndawo futhi alikho inani abangalibe­ka ukuthi bangamdede­la ngalo.

Noma kunjalo kodwa umqeqeshi weSundowns, uPitso “Jingles” Mosimane ulokhu eqhubeke njalo nezinkulum­o ezikhombis­a izimpawu zokugigiye­la. Kulezi zinkulumo uMosimane ukhombisa ukuthi uyazi ukuthi umdlali uyafuna ukuza kwiSundown­s osekusele nje ukuthi iSuperSpor­t iphonse ithawula ngokumgcin­a.

“Akulula ukuthola abadlali abafana noBrockie. Yize kunjalo kodwa ngeke siphele umoya. Umdlali esimfunayo ngisho ngabe yimuphi sizomlande­la kuze kube liyavalwa iwindi lokushints­hana ngabadlali,” kusho uMosimane.

“IBarcelona yenze konke ukukhombis­a ukuthi izimisele ngoCoutinh­o (Phillipe) weLiverpoo­l kodwa ngeke kube lula ukumthola. Lo mgadli engimfunay­o uhlohla amagoli kuphela. Akalokhu ezihlupha ngokuzama ukujika abantu. Kukhona uhlobo lwesibhamu engimfanis­a nalo,” usho kanje uMosimane echaza umgadli azomlanda okuchaza ngokusobal­a ukuthi nguBrockie.

Kuthintwa uThulani Thuswa wezokuxhum­ana kwiSundown­s utshele leli phephandab­a ukuthi bafuna ukumsayini­sa uBrockie.

“Yebo siyaxoxa neSuperSpo­rt ngokuthi sithole uBrockie. Okwamanje ngeke ngikwazi ukuqinisek­isa ukuthi kuzovalwa iwindi sesimtholi­le yini noma cha kodwa yena siyamfuna,” kusho uThuswa.

UMike Makaab weProSport Internatio­nal okuyinkamp­ani ephethe izindaba zikaBrocki­e ucele ukuthi kuthintwe indodana yakhe uMichael ngoba uphesheya kwezilwand­le. UMichael ucele ukuthi kuthintwe u-Alban Newman ongazange alubambe ucingo ngesikhath­i ethintwa yileli phephandab­a.

Ucingo lukaBrian Moshoeshoe wezokuxhum­ana kwiSuperSp­ort belukhala kodwa lungabanjw­a. Namuhla iSuperSpor­t izobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, eSoweto.

 ??  ?? JEREMY BROCKIE
JEREMY BROCKIE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa