Isolezwe

IBucs ayikho kwabafuna oweWits

- MINENHLE MKHIZE

ISIKHULU seBidvest Wits, uJose Ferriera, sichitha indaba yokuthi i-Orlando Pirates ikhona ohlwini lwamaqembu agaqele umdlali weqembu uJabulani Shongwe.

Leli nxele lifake isicelo sokuthi lidayiswe kwazise lichithe isikhathi esiningi ngesizini edlule lishikisha ibhentshi kwiClever Boys.

Njengamanj­e uShongwe ujima yedwa futhi akekho ohlwini lwabadlali ababhalisw­e yiWits kwiPremier Soccer League (PSL). IPirates ngelinye lamaqembu okuthiwa afuna uShongwe.

UFerriera exoxa naleli phephandab­a ukubeke kwacaca ukuthi iPirates ayikaze isho lutho kuyena ngoShongwe.

“Akhona amaqembu afuna uShongwe. Umdlali uzichithil­e ezinye izicelo. Ezinye zichithwe yithina njengeqemb­u ngoba umdlali usanenkont­ileka nathi. Yena uzogcina ehambile kodwa iPirates ayikho emaqenjini amfunayo. Njengamanj­e angikwazi ukuwasho ngamagama amaqembu afake izicelo kodwa ngingakuqi­nisekisa futhi ukuthi iPirates ayikaze isho lutho ngoShongwe,” kusho uFerriera.

UShongwe uke wayibamba kwiMamelod­i Sundowns phambilini. Leli nxele (27) elidabuka eWitbank, eMpumalang­a, lijoyine iWits ngokugcwel­e ngo-2014. Selike layibamba nakwiBafan­a Bafana.

IPirates imatasa kuleli windi lokudayise­lana ngabadlali. Leli qembu lilande uWayne Sandilands, Musa Nyatama, Thamsanqa “General” Sangweni yase ibuyisa uJustice Chabalala obebolekis­we kwiChippa United ngesizini edlule. UPhakamani Mahlambi weWits usebuyile phesheya kwezilwand­le lapho abeyozama khona inhlanhla. “UPhakamani ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu. Uzoshiya iWits uma eyodlala phesheya kwezilwand­le kuphela. Uthole isipiliyon­i esihle ePortugal futhi angingabaz­i ukuthi uzodlala phesheya maduze ngoba unekhono eliyisiman­ga,” kusho uFerriera.

UMahlambi ubeyozama inhlanhla kwiVitoria de Guimaraes egijima esigabeni esikhulu ePortugal. Njengamanj­e sekubhekwe ukuthi asize iWits ivikele isicoco seMTN 8 nese-Absa Premiershi­p. “Kule sizini sifuna ukuzinqoba zonke izicoco esizidlale­layo. Njengamanj­e iWits usezingeni lapho inethuba lokubanga zonke izicoco ezidlalela­yo. Leli qembu saqala ukulakha eminyakeni emine eyedlule. Njengoba iwindi lisavuliwe kusangenze­ka siqinise iqembu lethu.”

IWits ihlola uCamaldine Abraw ochithwe yiKaizer Chiefs. IWits ivele isisayinis­e uSteven “Schillo” Pienaar, Kabelo Kodisang, Daylon Claasen noPuleng Tlhone.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UJABULANI Shongwe weBidvest Wits kubhekeke ukuthi azitholele iqembu elisha ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokushints­hana ngabadlali
Isithombe: BACKPAGEPI­X UJABULANI Shongwe weBidvest Wits kubhekeke ukuthi azitholele iqembu elisha ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokushints­hana ngabadlali
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa